UMokwena ubonge uyise ‘ngecebo’ elimnqobise i-AFL
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, useveze ukuthi wathola umyalezo obalulekile uvela kuyise uJulias “KK” Sono, ngaphambi komdlalo wamanqamu we-African Football League (AFL) eLoftus Stadium, ePitoli, ngeSonto.
UJulias Sono uyinkakha ye-Orlando Pirates kanti ungumnewabo kaJomo Sono, ongumnikazi nomqeqeshi weJomo Cosmos.
“Ngifisa ukubonga umndeni wami ngokungeseka abanginike kona,” kusho uMokwena.
“Ngolunye lwezinsuku ezidlule bengikhuluma nobaba, wathi, ‘kumele utshele abadlali bakho basesiswini ukuthi bangaliphasi ibhola emuva.
“‘Uma kukhona owenza lokho kumele aphindele ekhaya,’ yilokho nami engikutshele iqembu lami.”
ISundowns iqophe umlando ngokuba yiqembu lokuqala ukuwina i-AFL ebidlalelwa okokuqala e-Afrika.
Ishaye iWydad AC ngo 2-0 emlenzeni wesibili kowamanqamu, kanti kugcine kungu 3-2 sekuhlanganiswe imilenze emibili.
“Ngakho kumele azi (uKK Sono), ukuthi ngamlalela futhi ngawudlulisa umyalezo.
“Ngifuna ukumbonga kakhulu bese ngibonga nomama uLinda ngokunjalo.
“Njalo uma ngizwa ucingo lukhala bese lubhale ukuthi Bra J (uJomo Sono) ngiyazi ukuthi sekuyisikhathi sezifundo zokuqeqesha.
FUNDA NALA: Sekunelinye iqembu elifuna ukuhlola uMofokeng weBucs
“Uma ngibona kubhalwe uKK Sono nakhona kusuke kuyizifundo zokuqeqesha. Bangabaqeqeshi nami,” kuphetha uMokwena.
Lena bekuyindebe yesibili uMokwena ayinqobe esengumqeqeshi ozimele kwiSundowns kusukela ngesizini edlule.