Liyakhula isasasa ngeSummer Cup yaseMakhuzeni
ALFRED NGUBANE
Ukhuza ibuya umjaho wamahhashi iSummer Cup yaseMakhuzeni, okuyindawo esemakhaya engaphansi kwesifunda iHarry Gwala.
Lo mjaho uzoba seDazini Horse Racing Track ngoNovemba 25. Le ndawo iphakathi kweBulwer ne-Underberg.
Kuzobe kungunyaka ka-16 kugijinywa lo mjaho. Umnyango wezemidlalo nobuciko KwaZulu-Natal, oholwa nguDkt Ntuthuko Mahlaba yiwo ongabagqugquzeli balo mjaho.
Kulindeleke ukuthi kube khona yonke imiviliyelo ehambisana nomcimbi womjaho wamahhashi.
Kusuka kubasiki bengqephu abahamba phambili esifundazweni, kuya kosaziwayo…
Lo mjaho ungomunye wemikhulu eKZN womtelebhelo ezindaweni zasemakhaya.
Emjahweni ngokwawo, kubhekwe uNxakanxaka ukuthi avikele isicoco sakhe sangonyaka odlule.
Amahhashi azobe ebhekiwe esewonke kukhona yona iNxakanxaka, u-Album, uComputer, Incwadi, noSigwebo sentambo.
Khonamanjalo, amaphanta azohamba ehleka wodwa kulo mjaho njengoba abaxhasi bengene ngobuningi.
FUNDA NALA: Isela elingukufa seliphinde lagadla kwiPSL
Kuzobe kungewona ke amahhashi aseKZN kuphela kulo mjaho njengoba nawakwenye izifundazwe namazwe afana neLesotho ezobe ekhona.