UBartlett ngeke aphinde axakekele emsebenzini obhedayo
Ngeke agxumele noma yimuphi umsebenzi oqhamukayo uShaun Bartlett yize engomunye wabaqeqeshi abangasebenzi ndawo njengamanje.
Empeleni nje lo mqeqeshi oxoshwe yiCape Town Spurs emavikini ambalwa edlule, uthi kukhona imisebenzi ayichithile.
Kuke kwavela ke vele ukuthi iqembu lasePitori elidlala kwiMotsepe Foundation Championship, iPretoria Callies liyamfuna.
NelaKwaZulu-Natal elidlala kuso lesi sigaba, iMilford kuyavela ukuthi like lambuza ukuthi engeza yini uma limnika inkontileka.
Yize engawadalulanga ngamagama amaqembu aseke wakhuluma nawo, kodwa uBartlett ukuvezile ukuthi akhona.
Akuvezayo lo mqeqeshi wukuthi yena akajahile ukusebenza, kodwa ufuna umsebenzi ozohambelana nezinseko zakhe.
“Ngisahlabe ikhefu,” usho kanje uBartlett ekhuluma nabePhakaaathi ngoLwesihlanu.
“Ikhona imisebenzi esike yavela futhi ngike ngakhuluma nabathile kodwa angijahile ukuthola umsebenzi.
“Kumele kube wusebenzi ohambisana nezinseko zami… Ngicabanga ukuthi lokho kubalulekile ngoba kumele wazi ukuthi usebenzela bani, nokuthi uyaphi.
“Uma uvela umsebenzi ohambisana nami, ngizowuthatha ngakho okwamanje ngizolinda isikhathi esifanele,” kuchaza uBartlett.
Lo mqeqeshi, owasiza iSpurs inyukele kwiDStv Premiership ngesizini edlule, ube esegudla naleli qembu lakhe.
Uthi akawuboni umehluko owenzekile kusukela axoshwa ngoba iqembu lisaqhubeka nokusutha induku nsuku zonke.
“Ngicabanga ukuthi uba khona umuzwa wokuphozeka uma ungakwazanga ukwenza okubekelwe kwinkontileka futhi uphikwa yimiphumela.
“Sazama konke ukudlala ibhola elihle kodwa besihluleka ukushaya amagoli ukuze sithole imiphumela emihle.
“Uma ubheka imidlalo yabo embalwa edlule, akukho okuhlukile ngaphandle mhlawumbe kokushaya i-Orlando Pirates.
FUNDA NALA: UParker uvuleleka ngokulinyazwa uZungu, uthi wayehlosile
“Kodwa ngale kwalokho, basabambe umgqigqo ofanayo,” kusho uBartlett.