UBenni usehlukene neMan United
Kuphelile obekubahlanganise iManchester United noBenni McCarthy, obengumqeqeshi wabagadli kuleli qembu lase-Old Trafford.
Bekulokhu kungacaci ukuthi lo mdlali, owanqoba i-Uefa Champions League neFC Porto, uzohlala yini kwiMan United kulandela ukuphela kwenkontileka yakhe naleli qembu. Nokho iqembu seliqinisekisile ukuthi nakanjani uyahamba uMcCarthy.
“I-Manchester United seyiqashe uRene Hake noRuud van Nistelrooy njengamaphini emenenja eqenjini labesilisa elikhulu. UMitchell van der Gaag noBenni McCarthy sebelishiyile iqembu,” kusho isitatimende se-United.
UVan Nisterlrooy wayengumgadli weMan United futhi wayedume ngokuhlohla amagoli. Kusobala ukuthi uyena othathe umsebenzi kaMcCarthy kuleli qembu elingompetha beFA Cup ka-2024.
Linye kuphela iqembu elingakacacisi ngomqeqeshi eNingizimu Afrika, iLamontville Golden Arrows esanda kushiywa uSteve Komphela. Lo mqeqeshi ubuyele kwiSundowns. Akwaziwa noma uMcCarthy uyakucabanga yini ukuthi abuyele eNingizimu Afrika noma uzozihlalela phesheya.