UParker ubhoboka ngokubanjiswa udonga kwiChiefs
Ngesikhathi eya eholidini lokuphela kwesizini ka-2021/22, uBernard Parker wayelindele ukuthola ucingo oluntshela ukuthi abuye eNaturena.
Wayethembe ukuthi iChiefs izombiza ukuba azonikezwa inkontileka yomunye umsebenzi njengesethembiso saleli qembu.
Lo mdlali ubesehlale isikhathi eside kuleli qembu futhi elisebenzela ngokuthembeka.
Nokho akwenzekanga lokho futhi uParker uthi usakudlulisa lokhu njengoba manje esegxile emsebenzini wakhe kwiTS Galaxy.
“Kumele ngokuveze ukuthi angiphathekanga kahle kwiChiefs, kodwa sengadlula lapho,” kusho uParker kwabeMetro FM kuleli viki.
“Ngatshelwa ukuthi angihambe ngiye eholidini bese ngiyabuya ngibatshele ukuthi ngifuna ukwenza njani.
“Ngabuyela kubo, ngabatshela engifuna ukukwena kodwa ngemuva kwalokho angiphindanga ngezwa lutho kubo.
“Yilapho ke okwaphoqa ukuthi ngithathe izinqumo kwazise nginomndeni okumele ngiwondle.”
UParker uthi ngisho ozakwabo abahamba kuqala kunaye kwiChiefs abakholwanga wukuthi uyekiwe wahamba nje kanjalo.
“Ozakwethu abashiya kuqala kunami kwiChiefs bathi, ‘ha, nawe usufana nathi, besithi wena uzonikwa isikhundla esithile kwiChiefs’.
“Kwamina yangimangaza indlela izinto ezaphela ngayo phakathi kwami neChiefs.
FUNDA NALA: Ukhala ngobunzima uMlambo oqhatha usizi ekhaya
“Ngizame konke ukufunda (ngokuphathwa kwezemidlalo) ukuzilungiselela ukuthi uma sengiyekile ukudlala,” kuchaza uParker.