EzakamuvaIbhola

Kuqhilike izihlathi kuBroos iBafana ishaya iBenin

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, uzwakalise ukwesasa okukhulu ngemuva kokuthola amaphuzu amathathu beshaya iBennin ngo 2-1 ngoMgqibelo.

Kulo mdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, iBafana ibidinga ukuqala kahle imidlalo yokuhlunga, nokuyinto okusobala ukuthi ijabulisa uBroos.

“Ngijabule, bekungumdlalo ongelula. Kodwa ngishilo ukuthi angizithathi kancane izimbangi. Badlala ibhola elilula – bakhahlela ibhola liye phambili, bese balilwele ibhola.”

INingizimu Afrika iwuqale kahle umdlalo ishaya igoli ngomzuzu wesibili, kanti libekwe enethini uPercy Tau. Iphinde yashaya elesibili elize noKhuliso Mudau, zaya ekhefini kungu 2-0.

Nokho ngesiwombe sesibili iBafana ilehlisile izinga nokwenze ukuthi izivakashi zishaye igoli. UBroos uthe ubonile ukuthi bawulahlile umgqigqo ngesiwombe sesibili.

“Sibe nezinkinga ngesiwombe sesibili, futhi kuthe uma beshaya igoli kwaba khona ukutatazela okuncane kodwa akulutho.

“Into ebaluleke kakhulu kule midlalo yokuhlunga ukuwina imidlalo futhi sikwenzile lokho,” kusonga uBroos.

FUNDA NALA: UParker ubhoboka ngokubanjiswa udonga kwiChiefs

Lo mqeqeshi waseBelgium ubesehlanganisa imidlalo engu-12 engayazi induku neBafana Bafana. Emdlalweni olandelayo wokuhlunga iBafana izobhekana neRwanda ngoLwesibili ekuhambeni.