UGabuza ubike usizi enkantolo, yamzwela imantshi ngebheyili
UThamsanqa Gabuza uqale ngokubika usizi, wathi ngeke akwazi ukukhokha ibheyili ka-R3 000, kodwa wagcina ekwazile ukuyihlanganisa waphuma.
Lo mdlali weTS Galaxy owaduma kakhulu edlala kwi-Orlando Pirates neBafana Bafana uvele kafushane enkantolo kamantshi wase-Alexandra ngoLwesithathu.
UGabuza, oneminyaka engu-36 uboshwe ngoLwesibili ngezinsolo zokulimaza impahla nokusabisa owesifazane.
Umshushisi wombuso, u-Advocate Tshiego Deka akazange asiphikise isicelo sikaGabuza sokukhishwa ngebheyili.
Nokho uthe kumele ibekwe ku-R5 000. Kodwa ummeli kaGabuza, uThemba Ngobeni uthe bengakwazi ukukhokha u-R2 000.
“Inyanga ayiphelile futhi nguye osebenzayo ekhaya, obheke umkakhe nezingane. Engakwazi ukukhipha u-R2 000,” kusho lo mmeli ngokubika kweSunday World.
Imantshi ibe seyiyibeka ku-R 300 ibheyili, yambekela nombandela wokuthi engaxhumani nofakazi futhi engamvakasheli nakwakhe.
Icala lakhe lizobuyela enkantolo ngoDisemba 11 njengoba kusaqhubeka uphenyo.
Ngesikhathi sekuqediwe ngecala, uNgobeni utshele abezindaba ukuthi uGabuza ngeke aphawule ngalolu daba.
“Asinayo imininingwane ngokwenzekile. Sitshelwe ukuthi icala limayelana nomakhalekhukhwini ofile,” kuchaza uNgobeni.
Unqabile ke ukucacisa ukuthi ngabe lo wesifazane ovule icala ngabe umfazi kaGabuza noma ngomunye nje wesifazane.
UGabuza nguye ozihambise emaphoyiseni aseBramley ngoLwesibili, walala khona.
FUNDA NALA: IPirates isihlabe uThembinkosi Lorch ngesayo isigwebo
Ngaphandle uGabuza ubelindwe abangani. Babe sebemshushumbisa lo mdlali ephuma enkantolo.

