IBafana izolala seyizazi izimbangi kweyokuhlungela iNdebe Mhlaba
Njabulo Shezi
Izokwazi ngoLwesine iBafana Bafana ukuthi yimaphi amaqembu okuzomele idlule kuwo ukuze ingene eNdebeni yoMhlaba ka-2026.
Ukuqhathwa kwamaqembu kuzokwenziwa ngoLwesine emhlanganweni wesigungu esiphezulu seCaf e-Abijan, e-Ivory Coast.
Kulapho ke kuzocaca khona indlela iBafana Bafana okufanele iyihambe ukuze izibekisele indawo kulo mqhudelwano ohlonishwayo.
Esigabeni sokuhlunga kuzohlukaniswa amaqembu abe amaqoqo yisishiyagalolunye, iqoqo ngalinye lizoba namaqembu ayisithupha.
Umbango kungena eNdebeni yoMhlaba uzoshuba kakhulu ngoba amaqembu azoqeda phezulu kuphela azongena kuyo.
Okwenza le Ndebe yoMhlaba igqame kakhulu wukuthi izosingathwa amazwe amathathu ngokubambisana, okuyiCanada, i-United States neMexico.
Kuzobe kungokokuqala futhi i-Afrika iba namaqembu ayisishiyagalolunye kulo mqhudelwano njengoba phambilini abeba mahlanu.
Kubhekwe lukhulu ke kwiBafana Bafana ngoba umqeqeshi uHugo Broos wathembisa ukuthi uzoyifala kulena ngemuva kokuhluleka kweka-2022.
Ukwazile ke ukuyifaka kwiCaf Africa Cup of Nations okungenye yezinto ayezithembisile lo mqeqeshi odabuka eBelgium.
IBafana yagcina ngo-2002 ukungena eNdebeni yoMhlaba ngokudlula emidlalweni yokuhlunga.
Ngo-2010 yangena ngethikithi lokuthi yayisingethwe eNingiziu Afrika. IBafana Bafana yangena okokuqala eNdebeni yoMhlaba ngo-1998.
Elakuleli lizongena ebhodweni lesibili njengoba njengamanje ihlezi endaweni ka-12 ekuklelisweni kwamaqembu esizwe ezwenikazi.
Ngenxa yalokhu, iBafana Bafana izothola elilodwa lamaqembu akleliswe ngenhla kwayo ayisishiyagalolunye eqoqweni layo.
FUNDA NALA: Ithole ‘ibheyili’ iRoyal AM iCas ihoxisa isigwebo seFifa
Abafana bakaBroos bazokugwema ukuqhathwa namaqembu abasebhodweni elilodwa nawo okuyiBurkina Faso, Ghana, Cape Verde, DR Congo, Guinea, Zambia, Gabon ne-Equatorial Guinea.