U-Ellis ubuyisele nobedubile kwiBanyana Banyana
SIHLE NGUBO
Kufakwe noJanine van Wyk esikwatini seBanyana Banyana esizodlala imidlalo ebalulekile yokuhlunga.
NgoLwesine ntambama uDesiree Ellis, ocija iBanyana Banyana, umemezele iqembu lakhe elizobhekana neBurkina Faso emidlalweni emibili yokuhlungela iWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon).
Umdlalo wokuqala ungoNovemba 30, bese kuthi owesibili ube ngoDisemba 4.
UVan Wyk udube ikhempu yeBanyana emasontweni edlule, kulandela ukungatholani kahle nomqeqeshi uDesiree Ellis.
Kwavela ukuthi uVan Wyk wayethenjiswe ukuthi uzodlala imizuzwana ngesikhathi iBanyana ibhekene neDemocratic Republic of Congo (DRC) emidlalweni yokuhlungela ama-Olympic eyayimilenze emibili.
Umdlalo wokuqala ekuhambeni waphela ngo 1-1 kanti akazange afakwe uVan Wyk njengesethembiso.
Phela wayezokwephula irekhodi lase-Afrika lemidlalo eminingi (kwabesilisa nabesifazane) ngokudlala le midlalo emibili.
Kowesibili e-Orlando Stadium ubevele engasabonwa kwiBanyana ngoba wayecikwe ukungadlaliswa emlenzeni wokuqala.
Lowo mdlalo waphela ngo 2-0 kuwina lakuleli, nokuchaza ukuthi kwagcina kungu 3-1 sekuhlanganiswe imilenze emibili.
Ngemuva kwalokho u-Ellis wazithethelela ngokuthi wayengenalo iwashi yikho nje agcina engamfakanga uVan Wyk ngasekugcineni komdlalo.
Wathi wayengaboni ukuthi kwase kumele imizuzu emingakhi kuphele umdlalo.
Nokho wakugcizelela ukuthi bazomnika elinye ithuba uVan Wyk ukuze ephule irekhodi lase-Afrika.
Lo mdlali uvele usekuvezile ukuthi usewagaxa emgibeni amakhokho akhe kunobhutshuzwayo.
Selilonke iqembu limi kanje:
Onozinti: Andile Dlamini, Kaylin Swart, Katlego Moletsane
Izitobha: Karabo Dhlamini, Fikile Magama, Janine van Wyk, Faith Nokuthula, Asanda Hadebe, Noko Matlou, Lonathemba Mhlongo, Lebohang Ramalepe
Abasesiswini: Linda Motlhalo, Kholosa Biyana, Sphumelele Shamase, Amogelang Matlou, Thubelihle Shamase
FUNDA NALA: UMthethwa uveza isinongo esifike noKomphela kwiSwallows
Amafolosi: Nicole Michael, Gabriela Salgado, Noxolo Cesane, Wendy Shongwe, Hildah Magaia, Thembi Kgatlana, Samkelisiwe Selana, Jermaine Seoposenwe.
.

