Kuvela okwakhele uXola Mlambo ubutha kwiGalaxy
Uma kuthiwa umlungisi uithela isisila, kusuke kushiwo into efana neyehlele uXola Mlambo kwiTS Galaxy ngesizini edlule.
UXola Mlambo kumanje akanaqembu kodwa futhi akanayo nencwadi emkhulula ukuba aye kwelinye iqembu.
Ubedlala kwiGalaxy ngesizini edlule, kodwa ngasekupheleni kwayo wamiswa ekujimeni neqembu, kwathiwa akazijimele eceleni.
“Ngelinye ilanda uthe efika esazi vele ukuthi uzijimela yedwa eceleni, kwathiwa amarawunde inkundla.
“Akanqabanga ukukwenza lokho, kodwa wathi ufuna umfaniswano weqembu azogijima equgqokile kwathiwa akagijime ngezimpahla azigqokile.
“Lo mjita ophatha izimpahla zeqembu wathi kuthiwe engamnini ezeqembu,” kusho omunye wabangani balo mdlali ocele ukungadalulwa.
Lo mngani uthi uMlambo wazakhela amazinyo abushelelezi ngokukhulumela abadlali abasebancane abebehlukumezeka eqenjini.
Uthi kunomdlali omdala oyincelebane, obempimpa abanye abadlali uma kwenzekile wababona ukuthi bebephuza.
“UXola wamqonda u(dalula igama lakhe) wambuza ukuthi kungani afike ahambe nabafana bayophuza, yena akhale ngokuthi akuphuzeki bese ebashiya.
“Ngemuva kwalokho ngakusasa ejimini uzobe esetshela umqeqeshi ukuthi obani bobani bebephuza izolo,” kusho lo mngani ocele ukungadalulwa.
Uqhube wathi kwathi uma umqeqeshi ezwa ukuthi uMlambo uhlasele lo zakwabo embuza ngobumpipi, wacasuka wathelwa ngamanzi.
Kuthiwa wabe esetshela abaphathi ukuthi akasamfuni uMlambo eqenjini lakhe, ngakho ababone benza njani ngaye.
Kulapho ke lo mdlali wasesiswini azithola esetshelwa ukuthi kuthiwe engabe esazicija neqembu, azicije yedwa eceleni.
Uthe into ekhathaza uMlambo njengamanje wukuthi akazi ikusasa libhekephi ngoba iqembu alifuni nencwadi yokumkhulula.
“Bake bazama ukumbamba ngomqondo, bathi uyena owazicelela ukukhululwa ngoba benzela ukungamkhokheli.
FUNDA NALA: U-Ellis ubuyisele nobedubile kwiBanyana Banyana
“Wakunqaba ke lokho kanti njengamanje ulwa eyokuthi njengoba kuyibo abamxosha, kumele bamkhokhele.”

