Unozinti weDowns usazincinza akaqedi ngokuqokelwa iYachine Trophy
SIHLE NGUBO
Unozinti weMamelodi Sundowns, uRonwen Williams, uthi namanje kusengathi yiphupho ukuthi uqokelwe iYachine Trophy.
UWilliams uqophe umlando ngokuqokelwa lo mklomelo wonozinti njengoba engowokuqala wangaphandle kwase-Europe. Selokhu yaqala le miklomelo ngo-2019, bangu-49 abadlali base-Europe asebeqokelwe kuyona. UWilliams ungoka-50 futhi uyena yedwa ongeyena owase-Europe.
“Angazi nokuthi ngithini, ngiswelwe amazwi okuchaza ukuthi ngizizwa kanjani njengamanje,” kusho uWilliams.
“Ngisathukile namanje. Yinto engakazinzi kimina okwamanje. Ngiyaziqhenya, ngesese, ngijabule – angijabuleli mina kodwa iNingizimu Afrika yonke.
“Ngethemba ukuthi lokhu kuzogqugquzela isizukulwane esizayo sabadlali, kuphinde kugqugquzele nabadlali bamanje ukuthi bakholelwe kubona bese bazame ukufeza amaphupho abo. Kumele bakholwe ukuthi thina njengabantu baseNingizimu Afrika singenza izinto ezingacabangeki.”
UWilliams, ongukaputeni weBafana Bafana, wenze ezibukwayo evimba amaphenathi amane INingizimu Afrika ibheke neCape Verde kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), e-Ivory Coast ekuqaleni konyaka. Kulowo mdlalo iBafana yanqoba ngo 2-1 yadlulela kowandulela owamanqamu.
IBafana izobhekana ne-Uganda kowokuhlungela i-Afcon, e-Orlando Stadium, ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama. Nokho uWilliams uzobe engekho kulo mdlalo ngenxa yokulimala. Ibhande likakaputeni kuzobe ligqokwe uThemba “Mshishi” Zwane, kanti ezintini kulindeleke ukuthi kuvimbe uSipho Chaine we-Orlando Pirates.