Sekuphinde kwambhedela uKudakwashe Mahachi
ALFRED NGUBANE
IMadeama FC yaseGhana isimkhombe indlela uKudakwashe Mahachi ngenxa yokuthi kungakapheli nezinyanga eziyisithupha imsayinile.
UKuda Mahachi uhlale izinyanga ezinhlanu kuleli qembu njengoba ubesayine inkontileka yonyaka, kodwa iqembu lanquma ukumchitha ingakapheli.
Kuvele ukuthi iMadeama ikhale ngesimo sakhe sokulungela ukudlala abathe besingesihle.
Iqembu libone kuzomthatha isikhathi eside ukuthi abuyele esimweni esidingekayo ukuze akwazi ukuqala futhi aqede imidlalo.
“Lo mdlali waseZimbabwe ujoyine iMauve and Yellows (igama lesidlaliso leMadeama) ngo-Agasti ka-2023,” kusho leli qembu esitatimendeni ngempelasonto.
“Kodwa ngenxa yesimo sakhe sokulungela ukudlala, uhlulekile ukungena eqenjini eliqala imidlalo.
“Ubefika eGhana kade kunonyaka wonke engadlali futhi izinto azihambanga ngendlela obekufiswa ngayo.”
Kuzokhumbuleka ke ukuthi uMahachi ubesehlale isikhathi eside engadlali ezingeni elikhokhelayo njengoba ubengenalo iqembu.
Wayegcine ukudlala esigabeni esikhokhelayo kwiSuperSport United ng0-2020 kulandela ukubekwa icala lokuhlukumeza ingane yakhe.
Kumthathe isikhathi esingaphezu konyaka ukuthi icala ayebekwe lona limthethe kanti ubesephenduka unukani emaqenjini ePSL ngaleso sikhathi.
FUNDA NALA: Inkakha yaseZimbabwe isola imenenja ngokufathuzisa uBilliat
Kuvela ukuthi abaphathi bakhe sebethembe ukuthi kukhona iqembu elizomthatha kwiPSL njengoba esesimweni esingconywana njengoba eseke wadlala kancane eGhana.

