USaile ufisa iChiefs ingasahlehli ngemuva kokujuqa iSwallows
UChristian Saile uphume eDobsnonville Stadium eliqhawe kulandela ukushaya igoli elingobise iKaizer Chiefs kwiMoroka Swallows ngeSonto ntambama.
Lo mgadli waseCongo ubeliphela emadlebeni kubadlali basemuva beSwallows umdlalo uqala waze wayophela.
USaile ubebonakala ukuthi udlala ngokukhululeka nangokuzwana nabanye abadlali, engabancishi ibhola njengakudala.
Nguye ogcine eqokwe waba nguMdlali oVelele kulo mdlalo, kanti uveze ukuthi ufisa bengabe besabuyela emuva.
“Ngibonga abalandeli ngokuphuma bebe baningi kangaka ukuzoseseka,” kusho uSaile ngemuva komdlalo.
“Manje sinomqeqeshi omusha. Sizolokhu sizama nje. Sihluliwe emdlalweni odlule, size kulo siwafuna kakhulu amaphuzu amathathu.
“Manje sekumele siqhubeke nokusebenza, siqinisekise ukuthi siyawubamba umgqigqo.”
IChiefs inqobe ngo 1-0 kulo mdlalo obuseDobsonville Stadium ngeSonto ntambama. Njengoba isanda kuhlulwa yizimbangi zaseSoweto, i-Orlando Pirates, iChiefs ibifuna ukubuyisa isithunzi.
Iqembu likaSteve Komphela belibhekene neChiefs edonsa kanzima ukuthola umgqigqo.
Kodwa iSwallows ihluleke yancama ukungena egiyeni kulo mdlalo njengoba beyenza amaphutha amaningi amabi.
Negoli elishayer uSaile liqhamuke ngalo iphutha, ihluleka wukususa umhlola ekhaya, ibhola lagcina kuYusuf Maart.
Lo mdlali ube eselibeka phambi kukaSaile obengamakiwe, walihlanganisa naye uDaniel Akpeyi obethi uyaphuma.
Ukunqoba kulethe ukukhululeka kumqeqeshi weChiefs, uCavin Johnson, futhi kubeke Amakhosi endaweni yesithupha kwilogi.
FUNDA NALA: Kuthombe ukhiye, wavuma ukubhekwa yisambane uRiveiro
Isinamaphuzu angu-17 emidlalweni engu-13. KwiSwallows, lo mphumela uyaphoxa, kodwa uyishiye isendaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-18 ngemuva kwemidlalo engu-11.

