OweChiefs ubona ithuba elihle kwiNedbank Cup
IKaizer Chiefs izobhekana neMilford FC, iqembu elidlala kwiMotsepe Foundation Championship ekhaya emzuliswaneni wokuqala weNedbank Cup ka-2024.
Lokhu kuhlaluke ngesikhathi kuqhathwa amaqembu eGoli ngoLwesine ebusuku.
Lo mqhudelwano ohlonishwayo unikeza iKaizer Chiefs ithuba elihle lokujabulisa abalandeli bayo osekunesikhathi eside belinde indebe enkulu.
Ukuzethemba kuphezulu eqenjini njengoba lilungiselela ukubhekana neMilford FC, okumanje ihlezi endaweni ka-12 kwiChampionship.
Leli qembu laKwaZulu-Natal selinqobe kahlanu emidlalweni engu-17 kulesi sigaba elidlala kuso.
Ngesikhathi sokuqhathwa kwamaqembu, umdlali wasemuva weChiefs uThatayaone Ditlhokwe uzwakalise ukuzimiselakweqembu ukulwela ukunqoba kule ndebe.
“Ngingasho nje ukuthi le ndebe isinika ithemba,” kusho uDithlokwe kwi-website yeKaizer Chiefs.
“Yindebe yokugcina kithina esingayilwela kule sizini. Yize sizinikele ngokwezinga eliphezulu, asikanqobi lutho okwamanje.
“Ngakho-ke, iNedbank Cup isifikile manje futhi kumele sigxile futhi siyisebenzele kanzima, senze konke okusemandleni ukufaka indebe ekhabetheni…
“Phela ngeke kube kuhle ukuthi siqede isizini silambatha,” kuchaza lo mdlali odabuka eBotswana.
Yize noma yimuphi umdlalo ofana nalona okusuke kutholene phezulu ‘uDavide noGoliyathi’ uhlezi uyinkinga, uDithlokwe uyakwazi okumele bakwenze ukugwema ihlazo.
Phela ingaphenduka inhlekisa okokugcina iKaizer Chiefs uma ingabhuliswa amazolo yileli qembu elisengomakoti esigabeni esikhokhelayo.
“Akukho okuningi esikwaziyo ngabo,” kuvuma uDithlokwe oneminyaka engu-25.
“Kodwa ekugcineni kosuku, kuncike ekuzilungiseleleni kwethu nokubhalansa ngomgomo wethu.
“Inhloso yethu wukunqoba le ndebe kuphela, akusekho okunye. Sinento eyodwa kuphela ezingqondweni zethu.”
FUNDA NALA: Kumfundise ukunaka izindaba zakhe ukudlala kwiChippa
Izinsuku nezinkundla okuzodlalelwa kuzo imidlalo yokuqala yalo mqhudelwano zisazomenyezelwa.

