EzakamuvaIbhola

Isibethulile i-Orlando Pirates abadlali bayo abasha

Sbongs Gumbi

I-Orlando Pirates seyidalule ukuthi yengeze ngabadlali abane njengoba iqinisa iqembu ukulungiselela isizini entsha. 

Leli qembu lizobe ligadla emiqhudelwaneni emihlanu ngesizini ezayo ngakho lidinga uykuqina kuzo zonke izinhlaka. 

Izodlala kwiDStv Premiership, MTN8, Carling Black Label Cup, Nedbank Cup kanti ibuyele nakwiCaf Champions League. 

Izinguquko ziqale kulo leli viki njengoba ibuyele ejimini ngemuva kwamaholidi okuphela kwesizini kanti ilungiselela ukuya eSpain la iyokhempa khona. 

UCraig Martin ube ngumdlali wokuqala ukudedelwa yi-Orlando Pirates njengoba esezogijima kwiChippa United nje ngesizini ezayo. 

Abazolandela uMartin ukuphuma ngesango kuleli qembu ngoNkanyiso Zungu, Ndumiso Mabena, Ntsako Makhubela nonozinti osemncane uKopano Thuntsane. 

“Iqembu libafisela okuhle kodwa lapho bezoya khona,” isho kanje iPirates ngalaba badlali esibakhululile. 

UMabena noMartin bebefike ngoJanuwari njengoba sebededelwa nje kulandela ukuhluleka ukungena esikimini sikaJose Riveiro.

Kulindeleke ukuthi kube khona nabanye abahambayo ukuze kuvuleke isikhala salaba abasha abafikayo. 

Kwabasha abamenyezelwe yileli qmebu ngoLwesibili ntambama kukhona uKatlego Otladisa, Melusi Buthelezi, Patrick Mswanganyi noSiphelo Baloni.

U-Otladisa ubekwiMarumo Gallants ngesizini edlule la abengomunye wabenze kahle yize leli qembu ligcine lidliwe yiqembu. Uzoqinisa esiswini kubadlali abahlaselayo.

UButhelezi yena uzoqinisa konozinti kwi-Orlando Pirates okuyinawo esike yaba yinkinga isikhashana impela. Usuka kwiTS Galaxy. 

FUNDA NALA: Amasi asebekwe elangeni ngeNdebe yoMhlaba yekhilikithi

UBaloni, odlala esiswini maphakathi nenkundla, yena usayinwe kwi-All Stars ebidlala kwiMotsepe Foundation Championship negcine idayisa isitifiketi sayo. Sithengwe yiBlack Leopards. 

UMaswanganyi, oneminyaka engu-25 futhi odlala ohikweni lwesinxele, usuka kwiSuperSport United.