BUKA: Umdlali ocebe kunabo bonje emhlabeni – akuyena uMessi
Uma bewucabanga ukuthi umdlali ocebe kunabo bonke emhlabeni uLionel Messi noma uCristiano Ronaldo, kumele uphinde ucabanga kabusha.
Lokhu kulandela ukuthi sekuvele izibalo zakamuva ezibheka umcebo wabadlali bebhola ukuhlonza okunguyena onothe kunabo bonke.
Kuyaziwa ke ukuthi umbango ubhekwe phakathi kukaRonaldo noMessi njengoba kuyibona abadlali abaphambili ebholeni kule minyaka engu-20 edlule.
Nokho Impempe seyingakuveza ukuthi laba bobabili baphezulu impela ohlwini, kodwa akubona abaphezulu.
URonaldo usendaaweni yesithathi njengoba umnotho wakhe ulinganiselwa ku-$500 million.
“Endaweni yesithathu kukhona uCristiano Ronaldo. Lo mdlali wasePortugal ungukaputeni weqembu lesizwe,” kusho le vidiyo.
“Udlala njengomgadli eqenjini laseSaudi Arabia Al-Nassir futhi uhamba phambili ngamagoli ezingeni lamaqembu esizwe.
“Usendaweni yesithathu kubadlali abacebe kunabo bonke njengoba umnotho wakhe ulinganiselwa ku-$500 million.
“Endaweni yesibili kukhona uLionel Messi. Uthathwa njengomdlali ovelele kunabo bonke asebake badlala ibhola.
“ULionel Messi ungumdlali wase-Argentine odlala njengomgadli kwi-Inter Miami futhi ungukaputeni weqembu lesizwe langakubo.
“Ungumdlali wesibili ngokomcebo njengoba umnotho wakhe ulinganiselwa ku-$600 million.”
Okumangazayo ke wukuthi endaweni yokuqala kuqhamuka umdlali cishe abaningi abangakaze bezwe nangaye.
“Endaweni yokuqala kukhona uFaiq Bolkia ongumdlali waseBrunei odlala ophikweni kwiRatchaburi FC yaseThailand.
“Udlala naseqenjini lesizwe laseBrunei. Uyinkosana yobukhosi besizwe saseBrunei.
“UBolkia nguyena mdlali ocebe kunabo bonke emhlabeni. Umnotho wakhe ulinganiselwa ku-$20 billion.”
FUNDA NALA: Useswele neyerenti umdlali wePSL obhekwe yisambane
Lo mdlali oneminyaka engu-25 uzalwa ebukhosini baseBrunei, okuyizwe abaningi abangalazi elise-Asia. Buka ividiyo ngezansi:

