EzakamuvaiCarling Knockout Cup

USikhakhane uveza okuweza AmaZulu kwiCarling Knockout

UThembela Sikhakhane ubalule ukuambisana okukhona eqenjini laMaZulu FC, uthi yikho okubabeke kulo mzuliswano abakuwo kwiCarling Knockout Cup. 

Usuthu selusemzuliswaneni wemidlalo eyandulela owamanqamu la luzobhekana khona neTS Galaxy eMoses Mabhida Stadium ngeSonto ntambama. 

USikhakhane uthi kunomlando abafuna ukuwuqopha ngale ndebe njengoba sebeke basondela ekunqobeni indebe kodwa bashweba sebekowamanqamu.

AmaZulu adlale aze afika kowamanqamu kwiMTN8 ngesizini edlule, kodwa ahluleka wukuyinqoba, ehlulwa yi-Orlando Pirates. 

Kulokhu, ngokusho kukaSikhakhane, kunomuzwa ohlukile Osuthwini njengoba befuna ukufeza isifiso sikamengameli weqembu uSandile Zungu.

“Amalungiselelo ahamba kahle. Wonke umdlali usewulungele umdlalo,” kusho uSikhakhane ngoLwesithathu. 

“Siyafina ukuthi nathi siqophe irekhodi lokuthi isizini nesizini sidlale umdlalo wamanqamu.

“Kodwa lona (umqhudelwano) siyafisa ukuthi sisale sesiwunqoba,” kuchaza lo mdlali wakwesokudla emuva.

Ebuzwa ukuthi yini le ehlukile ngalo mqhudelwano – noma abayenza kangcono njengoba beseza kahle nje kuwo, uthe imfihlo isekusebenzisaneni.

“Ukubambisana – sibambisene kakhulu kusuka emdlalweni wokuqala sibhekene neKaizer Chiefs la esashaya khona igoli umdlalo usuyophela.

“Emzuliswaneni wesibili akekho obesibona singayisha iGolden Arrows, kodwa sadlula nakuyo. SiIa manje la sesikhona.”

Ukudlula kwiChiefs bengabhekiwe, nokuhlula omakhelwane i-Arrows ebisefomini enhle ngaleso sikhathi kubafake ukuzethemba. 

Kodwa uSikhakhane akafuni bese bekufaka kakhulu ekhanda lokho ngoba kuzobenza bazithole sebebhayizisekile.  

“Akumele ke sidedele igazi ngoba nakhu sesibhekene neTS Galaxy ngoba iyingozi nayo. Iyadlala kulezi zinsuku, angifuni ukuqamba amanga. 

“Thina ke akumele sithi ngoba sidlala ekhaya bese sithela igazi phansi ngoba sizozisola. Umdlalo omkhulu lo. 

“KuMaZulu ibaluleke kakhulu le ndebe. Kusukela kusihlalo nje, kade esifuna indebe. Kungeyena ke yedwa, nabanye nje eqenjini bayayifuna.”