UThuso Phala uphalaza iqiniso ngokwehlisa iminyaka yakhe
Owayengumdlali weKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns, uThuso Phala, useveze ukuthi ubesebenzisa iminyaka okungeyona eyakhe ngesikhathi esadlala ibhola elikhokhelayo.
UPhala, owaliqala kwiPlatinum Stars ibhola elikhokhelayo waphinde wadlala nakwiSuperSport United, uvumile ukuthi uneminyaka emibili engafani.
Lokhu kuvele ngesikhathi enengxoxo nabeKota and Chill Podcast la uThuso Phala abevuleleka khona ngempilo yakhe.
“Ufuna ukwazi iminyaka yami noma le yebhola? Phela kuneminyaka oyishiya ekhaya bese kuba khona eyebhola, oyisebenzisa enkundleni,” kusho uPhala.
“Iminyaka yami yebhola yile oyibonayo njengamanje, bese kube khona engiyishiye ekhaya. UThuso Phala owadlala ibhola unale minyaka oyaziyo.
Ngokwaleminyaka yakhe yebhola, uPhala, obezakhela ugazi kubalandeli ngemidanso yakhe uma eqeda kushaya igoli, unengu-37.
“Ngabe manje bazongiphuca izindondo nezindebe engiziwinile uma bethola iminyaka yami yangempela, bathi ngirobhile? Uma lokho kuyicala asiyishiye kanjalo.
“Ungawagaxa kanjani amakhokho emgibeni uneminyaka engu-34? Le nto iyinkinga kuphela ezinkulisa, ayinayo inkinga ezingeni eliphezulu (elikhokhelayo).
UThuso Phala usanda kumemezela ukuthi usethi khumu ebholeni. Ubesehlale iminyakana engenalo iqembu. Uke wadlala nakwiBafana Bafana.
FUNDA NALA: UManenzhe usola awePSL ngokuvulela iDowns uthelawayeka
Bakhona nabanye abadlali okunokushaya amakhala ngeminyaka yabo, abasadlala kwiPremier Soccer League. Into yokuphekwa kweminyala seyibe yinkinga kakhulu e-Afrika kule minyaka edlule.