EzakamuvaiNedbank Cup

‘Ubani ikhehla?’ Kubuza owayevimbela Usuthu

Owayengunozinti weMaZulu FC neSikhukhune United, uTapuwa Kapini, akayizwa kahle eyokuthi abadlali bebhola basheshe babizwe ngamakhehla e-Afrika.

Lo nozinti usadlala namanje yize ngokwabanye eseyikhehla eminyakeni engu-39 anayo.

UTapuwa Kapini udlalela iHighlands Park egijima esigabeni sesithathu, i-ABC Motsepe League.

Kuleli qembu ungumdlali aphinde abe ngumqeqeshi njengoba esiza ekucijeni onozinti.

enze isibonelo ngabanye abasadlala kahle nje, okukhona kubona uCristiano Ronaldo, uLionel Messi, noLuka Modric baphesheya.

“Uma uneminyaka engu-32, 35 abathi sekuphelile ngawe,” kusho uTapuwa Kapini ekhuluma neFarPost.

“E-Afrika angazi kungani bebuka iminyaka yomuntu esikhundleni sokubheka ukuhlakanipha kwakhe, babuke ukuthi unobuchule kangakanani.

“Uma edinga ukuphumula myeke aphumule bese abuye adlale eminye imidlalo.”

ENingizimu Afrika abadlali abaningi bawagaxa emgibeni amakhokho abo uma sebefinyelele eminyakeni engu-35.

Nokho uTapuwa Kapini ubona sisuke singekho isidingo sokusheshe bathi khumu.

“Buka uThemba Zwane (weMamelodi Sundowns), umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos wake wathi usemdala kakhulu,” kuqhuba lo nozinti.

“Kodwa buka ukuthi ubani osiza iqembu lesizwe. Uneminyaka engu-34 kodwa usadlala kahle.

“Ngokomqondo ngicabanga ukuthi uyena umdlali okahle kakhulu eqenjini lesizwe.”

Onozinti yibona abadlala baze babe badala ngoba abagijimi kakhulu enkundleni.

“UGianluigi Buffon wadlala ibhola waze waba neminyaka engu-45. Iqembu lase-Arab lalifuna ukumnika izigidi kodwa wathi cha.

“Uyawuqonda umzimba wakhe. Unozinti wase-Egypt u-Essam El Hadary, wadlala waze waba neminyaka engu-47.

“Manje kungani e-Afrika singabi nabadlali abaningi abazodlala baze bafike kuleyo minyaka?”