EzakamuvaiCarling Knockout Cup

Ihlazo elibi owoSuthu eshaya unompempe behlulwa yiGalaxy

Unompempe obephethe umdlalo weCarling Knockout phakathi kwaMaZulu FC neTS Galaxy, uMasixole Bambiso usesole esinye sezikhulu zoSuthu ngokumfaka amavelemane ngemuva komdlalo. 

UBambiso ubeshaya impempe kulo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium ngeSonto ntambama. Umdlalo unqotshwe yiGalaxy ngo 3-2. 

Unompempe uqhamuke engasadle zinkobe zamuntu ngemuva komdlalo, efuna ukhasha isikhulu soSuthu (esiligodlile igama laso) kodwa esisebenza emkhakheni wokugada ijezi kuMaZulu. 

Uthe lesi sikhulu simshayile ngoba simsola ngokuthi wengeze isikhathi esingaphezu kwemizuzu emihlanu kulo mdlalo. 

Impempe izibonele ngawayo lesi sigameko la uBambiso evinjwe ngezinye izikhulu nabadlali boSuthu, besheleza, bamehlisa umoya. 

“Ungishayile lona ngoba engisola ngokwengeza imizuzu emihlanu, uthe sibe sincane lesi sikhathi engisifakile, wabe esengishaya,” usho kanje uBambiso ekhuluma neMpempe. 

Unompempe uthe ngeke alivule icala emaphoyiseni ngoba uyakuqonda ukuthi lesi sigameko senzeke ngenxa yokuthi imimoya beyiphezulu. 

Kodwa uzokufaka embikweni wakhe azowuthumela kwi-PSL bes ekuba yiyo enqumayo ukuthi izokwenza njali ngaleli hlongandlebe eliyifake ehlazweni.

Kuyichilo elibi ukuthi umuntu osebenza esigabeni esikhokhelayo sebhola ahluleke ukwamukela uma behluliwe, bese esebenzisa ubuqhwaga. 

Impempe izamile ukuthola uPhilani Ndlela okhulumela AmaZulu kodwa ucingo llwakhe akaluphendulanga, lwadlulela kuzakwabo uBrilliant Mkhathini. 

Le nsizwa ivele yakhwela yadilika kwiMpempe, iyisola ngokuthi ibhala ekuthandayo, ikhetha izindaba ezibhalayo.

“Noma ningabhala enikuthandayo, mina no(esho igama lalesi sikhulu esikhombise ubuhlathi) ngeke sisho lutho.

“ Kuzokhuluma uPhilani Ndlela okunguyena okhulumela iqembu,” kusho uMkhathini ekhombisa ukungabi nesineke sokwenza lomsebenzi wakhe. 

Umsebenzi wakhe wukukhuluma ngezindaba zeqembu, hhayi ukutshela abezindaba ukuthi babhaleni noma bangabhali ini. 

Kube seuvela ukuthi lesi sikhulu asiqali vele ukwenz alobu buhlathi bokufuna ukushaya onompempe uma iqembu labo lifambulile. 

Ukuhlulwa koSuthu kulo mdlalo kusho ukuthi le ndebe yeKnockout ngeke isaya KwaZulu-Natal njengobekulindelekile, kodwa seyizoya eKapa nom eMpumalanga. 

IGalaxy izodlala neStellenbosch FC kowamanqamu khona eMoses Mabhida Stadium ngoDisemba 16.