EzakamuvaIbhola

IChiefs ihloniphe uFleurs ngendlela ekhethekile

Umqondisi weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung Jr., usememezele ukuthi iqembu lizoyiyeka inombolo 26 ebizosetshenziswa uLuke Fleurs.

Lokhu yindlela amaqembu akuleli ahlonipha ngayo umdlali oshone esadlala kuwo. 

Ukushona ngokuzuma kukaFleurs, okwenzeke ngemuva kwesigameko sokudunwa imoto ngoLwesithathu olwedlule, kuzwise wonke umuntu othanda ibhola kuleli ubuhlungu. 

Bekungokokuqala selokhu yasungulwa iChiefs ishonelwa umdlali ngalolu hlobo. 

Yize uFleurs ebesanda kufika kwiChiefs, futhi ebengakaze adlale umdlalo osemthethweni, uMotaung Jr. uthe bazomhlonipha ngokuligaxa emgibeni ijezi lakhe. 

“Isimo esisha obekumele sizijwayeze sona kulezi zinsuku ezimbalwa kusukela ngesonto elidlule wukubona indawo la abehlala khona egunjini lokushintshela ingenamuntu. 

“Nakuyo yonke nje indawo la ebesijwayele ukumbona khona… Ngakho ukuqinisekisa ukuthi asimkhohlwa, usihlalo (uKaizer Motaung) uvumile ukuthi seyeke ukusebenzisa inombolo kaLuke. 

“Lokhu akwenzeki noma kanjani, kodwa njengesosha eliwile, isikhungo sonke sikholwa ukuthi yinto efanele ukuba yenzeke.” 

Uthe lokhu kuzoqiniseka ukuthi yize uFleurs engazakhelanga igama enkundleni ukuze ahlale ekhunjulwa, kodwa akalibaleki emlandweni weqembu. 

“Futhi sifuna ukuqinisekisa ukuthi ifa lakhe linathi ingunaphakade,” kuchaza uMotaung Jr. enkonzweni yesikhumbuzo salo mdlali eFNB Stadium ngoLwesine. 

“Nalabo abazolandela ngemuva kwethu bazokwazi ukuthi kukhona uLuke Fleurs owayegqoka ijezi elingunombolo 26 kwiKaizer Chiefs.”

Ngokwesibili ke iChiefs iphumuza ijezi njengoba yenza nangonombolo 15 ukuhlonipha enye yezingqalabutho zayo uDoctor Khumalo. 

UKhumalo yena wahlonishwa esaphila ngenxa yobuqhawe bakhe abenza eqenjini.