Ukubuya kukaThulani Serero kungayivuselela iSpurs
Njabulo Shezi
Omunye wabadlali bakudala be-Ajax Cape Town, uNhlanhla Shabalala uthi ukubuya kukaThulani Serero kuleli qembu kungaba yisibusiso esikhulu.
I-Ajax seyijikiwe igama yabuyela kwelidala njengoba isibizwa ngeCape Town Spurs.
Lokhu kwenzeka ngesikhathi kunqamuka ubudlelwano phakathi kwayo ne-Ajax Amsterdam yaseNetherlands eminyakeni emine edlule.
Kuvela ukuthi leli qembu lizibhekile kuThulani Serero njengoba ecabanga ukubuyela ekhaya nje manje.
Lo mdlali wasesiswini oke wagijima nakwiBafana Bafana uphelelwe yinkontileka eqenjini lase-United Arab Emirates abedlala kulo.
Kumanje engajoyina noma yiliphi iqembu alifisayo, noma nini futhi mahhala. Kuvela ukuthi iSpurs ngelinye lamaqembu azibhekile.
UShabalala, okumanje uyiphini likamengameli kwinyunyana yabadlali bebhola kuleli, uthi kungayisiza kakhulu i-Urban Warriors ukuthola lo mdlali onegama.
“Ngicabanga ukuthi uma kungenzeka ukuthu uThulani abuyele eqenjini, kunganyusa ukuzethemba kusize nokwakhela iqembu igama,”ucashunwe esho kanje ngabeSunday World.
“Vele ke ukubuyela emuva la waqala khona uyotshala ulwazi namava owazuzile yinto encomekayo.
“Kumele ubonge ngandlela thile eqenjini elakuvulela amasango ukuze ugcine ufike kuleli zinga ofike kulo..
“Kodwa ke kumele sikuqhakambise ukuthi ukuza kwakhe kungahambisana nezindleko eziphezulu okumele iqembu likwazi ukuzikhokha.
“Ukuthi lizokwazi yini iqembu ukumkhokhela yikhona okuzocacisa ukuthi liyamthola yini,” kuchaza uShabalala.
Esuka kwi-Urban Warriors, uThulani Serero waya kwi-Ajax Amsterdam kanti usedlale emaqenjini ehlukene e-Europe nase-Asia njengoba kuvela ukuthi usefuna ukubuya.
FUNDA NALA: I-PSL ibeka uZwane neSundowns icala ngesigameko soweMTN8
Njengeningi labadlali, ufisa ukuqedela izinsuku zakhe zokudlala ekhaya bese ewagaxa emgibeni amakhokho akhe.