ULorch uzicija ngokuzimisela yize esamisiwe kwiPirates
UThembinkosi Lorch usezitholele umuntu omsizayo ukujima ukuze ahlale esesimweni esifanele ngesikhathi esamisiwe kwi-Orlando Pirates.
Lo mdlali wasesiswini kwiPirates wamiswa yileli qembu kuze kube uDisemba 12 engazihlanganisi neqembu.
Lokhu kulandela ukuthi uLorch alahlwa yicala lokushaya owesifazane, wabe esegwetshwa inkantolo yeMantshi yaseRandburg iminyaka emithathu.
Nokho lesi sigwebo salengiswa iminyaka emihlanu ngombandela wokuthi angatholakali enze icala elifanayo kulesi sikhathi.
Manje njengoba engajimi neqembu nje kuthiwa usaba ukuthi uzogcina esalela emuva kozakwabo ngokuba fithi ngakho usenqume ukuqinisa impela yize ezijimela yedwa.
“Ngicabanga ukuthi kube yinto ephusile le ayenzile ukuthola ozomsiza ngokujima ukuze ahlale esesimweni,” kusho umthombe kwasePhakaaathi.
“Okwenze enze lokhu wukuthi uyazi ngeke avele abuyele eqenjini eliqala imidlalo uma sekuphele isikhathi asimisiwe.
“Ngakho kumele afike esesimweni esihle impela, abe sezingeni elifanayo nozakwabo abaqhubekayo nokujima neqembu.
“Nololonga imizimba eqenjini umenzelile uhlelo okumele alulandele ngesikhathi emisiwe ukuze abuye esezingeni elifanele.”
ULorch ingomunye wezethenjwa kwiPirates futhi umiswa nje ubesanda kubuya ekulimaleni kwesikhathi eside.
FUNDA NALA: Usuke ‘ubusisiwe’ uma udlala kwiChiefs, kusho uMasango
Ubeseqala ukubuyela ebholeni aziwa ngalo ngesikhathi sekumele aphinde ake abuyele eceleni ukuhlonipha imiyalelo yeqembu.

