EzakamuvaIbhola

Usuke ‘ubusisiwe’ uma udlala kwiChiefs, kusho uMasango

Ukudlalela iKaizer Chiefs akuyona into eza ngekhono kuphela futhi akubi ngenhlanhla kodwa usuke ungumdlali obusisiwe uma udlale kuyo. 

Lona ngumbono kaMandla Masango ongomunye wabadlali ababengaconsi kubalandeli baleli qembu ngezikhathi zakhe. 

UMasango ushiye kwiChiefs eminyakeni ebalelwa kweyishumi edlule kanti selokhu ahamba leli qembu alikaze linqobe ndebe. 

Usole ukuthi abadlali abathengwa yiChiefs muva nje abakwazi ukubaluleka kokuthola ithuba lokudlala kuleli qembu. 

Uthi yingakho begcina behluleka kuze kuphethe ngokuthi bakhonjwe indlela – ngoba abasibongi lesi sibusiso esibehlele.

Ngokwakhe, usuke ungokhethekile uma uzithole sewusayinwe yileli qmebu laseNaturena, futhi kumele ulibambe ngazo zombili lelo thuba.

“Izinto ezinjengalezi awuzithathi kancane ngoba akuyona into eyenzeka noma nini,” kusho uMasango kwabe-iDiski Times ngoMsombuluko. 

“Usuke –  ngeke ngithi usuke unenhlanhla – kodwa usuke ubusisekile ukuthola ithuba lokudlalela iqembu elikhulu njengeKaizer Chiefs. 

“Lokho kungoba leli yiqembuelidumile futhi uma uthola ithuba kumele uqinisekise ukuthi uyalibambisisa. Ungalivumeli liphunyuke.” 

IChiefs seyike yazama inqwaba yabadlali abafike kuleli qembu bethwelwe ngeqoma esingabala kuboo oKhama Billiat noSiphelele Ntshangase. 

Kodwa bagcine bephelela ezeni kuhle kwezithukuthuku zenja. Kumanje ke libhekene nezinkinga zokungaziphathi kahle kwabadlali. 

UNtshangase ngomunye wabaze baxoshwa ngoba behlulwa wuphuzo. UMduduzi Mdantsane kumanje ubemisiwe ngenxa yokuphuza ngesikhathi somcimbi weqembu.

U-Itumeleng Khune yena umisiwe kumanje njengoba naye kwatholakala ukuthi unotshwala egazini esejimini.