EzakamuvaIbhola

I-Betway izofaka u-R900 million njengoba isizoxhasa iPremiership

SIHLE NGUBO

I-Betway iyona esizoba abaxhasi bePremier Soccer League (PSL) njengoba iligi enkulu seyizobizwa ngeBetway Premiership.

Lokhu kuqinisekiswe usihlalo wePSL, u-Irvin Khoza ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emahhovisi ale nhlangano ngoLwesithathu ekuseni. Ngokusho kukaKhoza iBetway izoxhasa iminyaka emithathu kanti izofaka imali elinganiselwa ku-R900 million.

UKhoza uthe abaxabene neMultichoice futhi uyayibonga ngokuba abaxhasi bePremiership eminyakeni edlule. Uphinde waqinisekisa ukuthi iDStv Diski Challenge (DDC) izoqhubeka ngoba ayihlangene nabaxhasi abasha iBetway.

Isizini entsha yePremiership izoqala ngo-Agasti 3. UKhoza akafunanga ukusho ukuthi imali ezotholwa ompetha beligi izoba yimalini. Ngaphansi kweMultichoice ompetha (beDStv Premiership) bebethola u-R15 million.

Uhla lwemidlalo yePremieship luzokhishwa ngoLwesithathu ntambama.