EzakamuvaI-MTN 8

OwoSuthu ufuna bazimisele koweMTN8 abazowudlala neStellies

SIHLE NGUBO

Umdlali waMaZulu FC, uNkosikhona Radebe, uthi abasakwazi ukulinda ukungena enkundleni benze into abayijabulelayo njengoba sekuqale isizini entsha.

Usuthu luzobhekana neStellenbosch FC emdlalweni we-quartfinal yeMTN8, eCape Town Stadium, ngeSonto, ngo-3 ntambama.

Leli qembu laseThekwini lizibekisele indawo kwiMTN8 kulandela ukuqeda endaweni yesithupha kwilogi yeBetway Premiership ngesizini edlule.

Usuthu ludedele inqwaba yabadlali abalusize lwenza kahle ngesizini edlule ngaphansi komqeqeshi u-Arthur Zwane.

Okuphawulekayo ukuthi lezo zikhala iningi lazo zivalwe ngabadlali abasebancane abavela eqenjini leDstv Diski Challenge (DDC).

Bakhona abanamava abalandiwe kwamanye amaqembu njengoRyan Moon, obekwiLamontville Golden Arrows, noKeegan Allen obekwiRichards Bay FC.

“Ngijabule kakhulu ukuthi siyabuyela (enkundleni) kule mpelasonto,” kusho uRadebe.

“Umuntu kade ayilindela le nto. Njengoba kade saqala ukujima silungiselela isizini entsha, sekukhathalekile ukulokhu sijima singadlali. Sesimi ngomumo manje.”

AmaZulu kuzomele aqinisekise ukuthi afika eKapa ezimisele ngoba iStellies ayiwudlali ucabhayeye kulezi zinsuku.

Nokho uRadebe uthe uyakwazi kahle lokho futhi bafuna ukufika kwiStellies bezimisele ngakho konke.

“Imiqondo yethu ikulungele ngayo yonke indlela ukuthi sibhekane nabo,” kusho uRadebe.

“Bangabantu abadlalayo, abantu abayaziyo into abayifunayo. Kumele siye laphaya sazi ukuthi siyokwenzani.”

Mayelana nendlela iqembu elimi ngayo njengamanje, uRadebe uthe kuhle ukuthi kunengxube yabadlali abasebancane nabadala.

“Abadlali abadala kubalulekile ukuthi nabo babe khona eqenjini ukuze bakhulise labo abasebancane,” kusho lo mdlali olandwe Usuthu kwiTS Galaxy.

“Bayagqugquzela ngaphandle kwenkundla nangaphakathi enkundleni.

“Lokhu kuyabakhulisa abadlali. Nendlela abadlala ngayo laba abancane bayakwazi ukubukela kubona.”

I-Orlando Pirates neSekhukhune United sebedlulele kweyandulela owamanqamu kulandela ukushaya iPolokwane City neTS Galaxy ngokwahlukana ngoMgqibelo.

IBucs idlule kwiRise and Shine ngo 2-0, kwathi iBabina Noko yashaya iRockets ngo 3-2 yize ike yalandela ngemuva ngo 2-0 kulo mdlalo.

Amaqembu azobhekana kowandulela owamanqamu azoqhathwa ngeSonto ngemuva komdlalo weMamelodi Sundowns neRichards Bay FC, oqala ngo-6 ntambama.