EzakamuvaIbhola

UMotaung akatatazeli ngokufuna umqeqeshi omusha kwiChiefs

UKazier Motaung, ongusihlalo weKaizer Chiefs, usethembise abalandeli baleli qembu ukuthi ngeke balinde iminyaka engu-30 ngaphambi kokubona indebe ingena eNaturena. 

Sekungunyaka weshumi lona iChiefs yagcina ukujabulisa abalandeli ngokuqukula indebe. Namanje isimo asithembisi ukuthi kukhona okungavela kule sizini. 

IChiefs seyivele iphuthelwe yiMTN8 neCarling Knockout kanti sekusele iNedbank Cup kuphela njengoba nakwiligi kungacaci. 

Kodwa uMotaung, ongomunye wabasungula leli qembu eminyakeni engaphezu kuka-50 edlule, uthembise ukuthi uyasilungisa isimo. 

Ekhuluma noqweqwe lwentatheli yezemidlalo, uBareng-Batho Kortjaas kuleli viki kwiPodcast yayo, uMotaung ucele isineke nje qha. 

“Cha, ngeke (abalandeli beChiefs) balinde iminyaka engu-30 njengabeLiverpool,” kusho yena. ILiverpool kuyithathe iminyaka engu-30 ukunqoba isicoco seligi.

“Kumele siletheumuntu ozoqinisekisa ukuthi siyasuka kulesi simo esikuso. Aqinisekise ukuthi iChiefs ibuyela ekubeni yizingqwele ezijabulisa abalandeli.” 

UMotaung uthe uzocophelela kakhulu kulokhu ngomqeqeshi azomqasha, waveza nokuthi uCavin Johnson, obambile njengamanje, uzohlala kuze kuphele isizini.

“Sesiluqalile uhlelo lokubhekana nomsebenzi wokuletha umqeqeshi omusha,” kuchaza le nkakha eyazakhela igama kwi-Orlando Pirates.

Lolu hlelo seluvele luqaliwe futhi konke kuyombulelwa umphakathi ngesikhathi esifanele. 

“Noma ngabe imuphi umqeqeshi esizomletha kumele abe nesikhathi esanele neqembu ngaphambi kokuqala kwesizini.” 

Asekhona ke amagama abaqeqeshi abamataniswa nalo msebenzi weChiefs kanti naye uJohnson uma engaqeda endaweni ehloniphekile kwiligi kule sizini engawuthola. 

Kwabanye abaqhamuka ngaphandle kukhona negama likaPitso Mosimane othe usafuna ukuhlaba ikhefu ngaphambi kokuthatha omunye umsebenzi. 

Usanda kuyeka kwi-Al Wahda yase-United Arab Emirates kanti maningi amaqembu abemfuna kodwa wawamisa njengoba esafuna ikhefu. 

Kungenzeka ke uma ephuma kulelo khefu, athathe lo msebenzi wokuvusa lezi zinkunzi zaseSoweto esezibhuquze othulini iminyaka eyishumi. 

Omunye ngumqeqeshi waseBrazil, u-Alexander Gallo oneminyaka engu-56 noseke wacija iqembu lesizwe laseBrazil lika-UUnder 20.