EzakamuvaIbhola

Uwuqale ngewini enhle uSegolela umsebenzi wokuqeqesha

UTlou Segolela, owake wagijima ku-Orlando Pirates, usengene esikhundleni sokuba ngumqeqeshi wkiPlatinum City Rovers. 

Le nkakha yeziMnyama beyiyimenenja jikelele yaleli qembu kusukela likhushulelwe kwiMotsepe Foundation Championship ngoJulayi ka-2021.

IPlatinum City Rovers, ezinze eBokone Bophirima, idonsa nzima kulesi sigaba kusukela yakhushulelwa kuso. 

Kuthe ngemuva kokushiya kobengumqeqeshi, uNkosana Mabhena, kwaqokwa uSegolela ukuba athathe lo msebenzi. 

USegolela uwuqale ngegiya elihle ke lo msebenzi njengoba emdlalweni wakhe wokuqala ekwazile ukunqoba, iqembu lashaya namagoli amathathu. 

Bebebhekene neMarumo Gallants emdlalweni kowokuhlungela iNedbank Cup, wayishaya ngo 3-1. 

Sekungokwesibili leli qembu lifinyelela esigabeni seLast 32 kwiNedbank Cup selokhu lasungulwa njengoba nangesizini edlula lafika kulesi sigaba. 

Ngokubika kwe-iDiski Times, into abaphathi abayifuna kuSegolela wukuthi asuse leli qembu engozini yezembe elilengela kuyo njengamanje. 

IRovers yiyo esemsileni kulesi sigaba sokuqala ebholeni lakuleli njengoba inamaphuzu angu-11 ngemuva kwemidlalo engu-14.

Izobhekana nePretoria Callies emdlalweni olandelayo, mokuzobe kungowokuqala kweyeligi kuSegolela.