IChiefs izobolekisa abadlali abayisithupha ngokuyalelwa uNabi
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs izobolekisa abadlali abayisithupha njengomyalelo womqeqeshi omusha uNasreddine Nabi, waseTunisia.
Ababili balaba badlali bebengahambanga neqembu ukuya eTurkey ngenxa yokulimala. Lokhu kuchaza ukuthi uNabi akalitholanga ithuba lokubabonela eduze njengoba efikele eTurkey, kodwa wenelisekile ngabadlali asebabonile.
UBongani Sam, osanda kusayina esuka kwi-Orlando Pirates, no-Edmilson Dove abadlali bakamuva beChiefs abalimele. Laba badlali babuyele eNingizimu Afrika, bangasaqhubeki nokuba neqembu njengoba lilungiselela isizini entsha eTurkey. Nokho laba badlali basemuva akulindelekile ukuthi babolekiswe yiChiefs.
UMduduzi Mdantsane ube sengozini yemoto wephuka umhlathi ngesonto eledlule. Lokhu kuchaza ukuthi lo mdlali ngeke alithinte ibhola izinyanga ezintathu.
Abanye abadlali beChiefs abalimele uTebogo Potsane, othinteke inyonga kanti kuzoba amasonto amabili engekho. UDillan Solomons ulimele ihlombe kanti uzohlala amasonto ayisishiyagalolunye engekho. UGeorge Matlou ulimele edolweni, kulindeleke abuye ngo-Okthoba.
Kubadlali abasanda kukhushulwa bevela kwiDStv Diski Challenge (DDC) mhlawumbe kukhona abazobolekiswa ukuze bathole ithuba lokudlala. Lapha sibala U-Aden McCarthy, uMduduzi Shabalala, uSamukelo Zwane uSabelo Radebe noDonay Jansen.