UKomphela uveza okumenze wagxuma uma kuvela iSwallows
Sihle Ngubo
Umqeqeshi wakuleli, uSteve “Mphathi” Komphela, osecija iSwallows FC useveze ukuthi ubesevele efana nenhlanzi eshelwe ngamanzi kwiMamelodi Sundowns.
Lo mqeqeshi uveza lokhu nje yingoba umangaze abaningi ngempelasonto esethulwa iSwallows njengomqeqeshi wayo omusha.
Ubekade eyiphini likaRulani Mokwena kwiSundowns ngaphambi kwalokhu. KwiSwallows uzosizwa uMusa Nyatama noDitheko Mothotho njengamaphini akhe.
“Inkontileka yami neSundowns bekungeyeminyaka emithathu bese kuba nombandela wokengeza ngowodwa ngaphezulu,” usho kanje uSteve Komphela kwabe-IOL.
“Kodwa njengoba umqeqeshi uRulani Mokwena ubesefuna abantu bakhe (ukuba bazomsiza), ngibe nomuzwa wokuthi ngeke ngibe yingxenye yezinhlelo zakhe ukuya phambili.
“Ngaleyo ndlela, umsebenzi weSwallows ubukeke uyinselelo enhle kakhulu,” kuchaza yena.”
Usezibophezele ekutheni ajike iSwallows iphinde ibe yiqembu elikhulu, elibalwa kwamane aphambili ebholeni lakuleli.
“Bengitshela usihlalo ukuthi ngokwenqubo yakudala, njengoba usuke ucabanga ngamaqembu amane ahamba phambili iBayern Munich, iDortmund kanjalo…
“Kube khona iBarcelona, iReal Madrid neSevilla. ENingizimu Afrika bekuhlale kwaziwa ukuthi kukhona iMamelodi Sundowns, iKaizer Chiefs, yi-Orlando Pirates neMoroka Swallows.
“ISwallows igcine seyiphumela eceleni. Sibe sesishiya isikhala sokubalwa namaqembu amane aphezulu,” kusho uSteve Komphela.
“Sinalo ithuba lokulungisa lokho. Uma abantu bekhuluma ngamaqembu amane aphambili eNingizimu Afrika, kumele kube yiChiefs, yiPirates, yiSundowns neSwallows.
“Kodwa lalela, kungase kuthathe iminyaka emihlanu noma eyisithupha. Kungase kwenzeke futhi mina ngingasekho lapha.
“Kodwa uma ngiselapha kumele kube yinto esiyilwelayo ukuthi siyifeze nakanjani.”
USteve Komphela uzodlala umdlalo wakhe wokuqala esebhentshuni leZinyoni lapho bezobhekana khona neSundowns emdlalweni we-quarterfinal yeMTN8.
Nakanjani uzofuna ukuwuwina lowo mdlalo. IZinyoni ziqede isizini zisendaweni yesishiyagalombili njengoba iSundowns ibe ngompetha beligi.
FUNDA NALA: Ibhodla umlilo imenenja ebhayiziswe uPule Mmodi weChiefs
UKomphela useke waqeqesha iFree State Stars, iMaritzbur United, iKaizer Chiefs neLamontville Golden Arrows. Uke wayibamba futhi kwi-Under 23 yaseNingizimu Afrika.