AbeChiefs engcupheni yokugejwa yidabhi yaseSoweto
Kunabadlali ababili beKaizer Chiefs okuzomele badlale ngokucophelela ukuthi bengatholi khadi uma leli qembu selibhekene neGolden Arrows.
IChiefs izobhekana ne-Arrows emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium kanti kubhekwe ibuyise ukuzethemba ngalo mdlalo.
Nokho abadlali ababili – oYusuf Maart noPule Mmodi kuzomele badlale ngokuzigada ngoba uma bengathola ikhadi eliphuzi ngeke babe khona emdlalweni olandelayo.
Akungabazeki ke ukuthi kubo bobabili akekho ofisa ukungabi khona ngoMgqibelo uma iChiefs seyibhekene nezimbangi zayo ezindala i-Orlando Pirates.
Bobabili oMaart noMmodi banamakhadi aphuzi amathathu njengoba beya emdlalweni we-Arrows. Elesine lizosho ukuthi beqiwa umdlalo olandelayo.
Umdlali wasemuva, u-Edmilson Dove uyena osekuvele kuqinisekisiwe ukuthi uzobe engekho kule dabhi yaseSoweto ngoMgqibelo.
Lo mdlali odabuka eMozambique wakhishwa ngekhadi elibomvu emdlalweni wangempelasonto bebambana neMoroka Swallows ngo 0-0 khona eFNB Stadium.
Umqeqeshi weChiefs, uCavin Johnson umvikelile omunye umdlali obesengcupheni yekhadi lesine eliphuzi.
U-Edson Castillo akafakwanga eqenjini eliqale umdlalo we-Arrows. Uzowuqala ebhentshini kanti indawo yakhe esiswini ithathwe uSibongiseni Mthethwa.
Omunye umdlali ophunyuziwe u-Ashley Du Preez ohlulwe yinqwaba yamathuba emidlalweni emibili edlule yaleli qembu laseNaturena.
Indawo yalo mgadli odle ngejubane ithathwe uWandile Duba osanda kwenyuselwa eqenjini elikhulu kwiChiefs.
FUNDA NALA:Â Uzohlonishwa emidlalweni yezigaba ze-PSL uMkhonza
NoHappy Mashiane uwuqale ebhentshini lo mdlalo wangoLwesibili, kwabuyela umakadebona uSifiso Hlanti endaweni yakhe emuva.

