EzakamuvaIbhola

IChiefs seyinqumile ngo-Itumeleng Khune owafika ejimini ebukhile

Seyigcine isikhiphile isitatimende iKaizer Chiefs iqinisekisa ukuthi nebala ukaputeni weqembu u-Itumeleng Khune ubebhekene nohlaka oluqondisa ubugwegwe muva nje.

Lokhu bekulandela ukuthi lo nozinti osemnkantshubomvu atholakala enotshwala egazini ngesikhathi behlolwa ejimini emavikini ambalwa edlule.

Ubanjwa nje kuthiwa wayempintshwe ozakwabo uBrandon Petersen noKeagan Dolly ukuthi buphuma ngeziqu zoboya kuye. 

Lezi zindaba zokuthi ozakwabo abamchakida zivezwe uPatrick Tignyemb owayengunozinti weBloemfontein Celtic.

IChiefs ithi seluphothuliwe uhlelo lokuqulwa kwecala lokungaziphathi kahle kuka-Itumeleng Khune kanti kunqunywe ukuthi uKhune ake aqhele eqenjini. 

“Ekuphothulweni kokuqondiswa ubugwegwe kwangaphakathi eqenjini ngesonto eledlule, ikomiti lithathe izinyathelo ezinqala lanquma ukuthi u-Itumeleng Khune ahlukaniswe isikhashana neqembu kuze kube kufezwa imibandela ethile.

“Siyiqembu elithanda ukugcina amazinga aphezulu okusebenza, lapho ukuziphatha kuyingxenye ebalulekile,” kusho leli qembu esitatimendeni ngoLwesine. 

“IKaizer Chiefs iqale uphenyo lwangaphakathi ngemuva kwezigameko ezithile ezithinta uKhune ezifike ezindlebeni zabaphathi. 

“Uphenyo belubalulekile ekuqinisekiseni ukusebenza okufanele nobumbano eqenjini lethu.

“Ngesikhathi engekho, uKhune kulindeleke ukuthi ahambele futhi abambe iqhaza ezinhlelweni ezithile eziklanyelwe ukumeseka nokuthuthuka kwakhe, ngokwesekwa yiqembu. 

“Lezi zinhlelo zihlonzwe ngokukhethekile ukumsiza ukuba abhekane nezinselelo nezinkinga abhekene nazo…”

Ngaphezu kwalezi zinhlelo okukholakala ukuthi ezomsiza alwe nesifo sokuphuza ngokweqile, uphucwe isikhundla sokuba ngukaputeni. 

“NjengeKaizer Chiefs, sikholelwa ekusebenziseni izinyathelo zokulungisa ukuze sikhule, futhi sizibophezele ekunikezeni ukusekelwa okudingekayo ku-Itumeleng ngalesi sikhathi. 

“Uma eseziphothulile izinhlelo ezidingekayo futhi esefeze obekulindelekile, uzokwamukelwa eqenjini.”