EzakamuvaIbhola

‘Angivunyelwe ukuhaga abadlali,’ kusho uMokwena

Usheshe wazikhipha otakwini umqeqeshi weMamelodi Sundowns, ecacisa ukuthi akavumelekile ukuhaga abadlali futhi akazange amhage uThemba Zwane njengokusho komsakazi weSuperSport TV. 

Umethuli weSuperSport TV, uThato Moeng uthe uMokwena uqeda ukuhaga uZwane ngesikhathi ezokhuluma naye ngemuva komdlalo ngoLwesibili kusihlwa. 

Kulapho ke lo mqeqeshi osemncane esheshe wazihlangula, wakucacisa ukuthi kuyicala ukuthi ahage abadlali.

“Uthe ngihage uThemba Zwane? Akunjalo. Angivumelekile ukuhaga abadlali, ngimangile nje kuphela,” kusho uMokwena ehleka.

ISundowns beyiqeda kuqoqa amanye amaphuzu aphelele, eshaya AmaZulu ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium. 

Iqophe nerekhodi elisha lokuba yiqembu lokuqala ukunqoba imidlalo eyishumi yokuqala kwiDStv Premiership. 

“Ngibongela wonke umndeni weMamelodi Sundowns ikakhulukazi abalandeli abaphume ngobuningi ekubeni kuwumdlalo waphakathi neviki. 

“Ngibongela nalaba badlali – basebenza ngokuzikhandla ngokufanayo nethimba lonke labaqeqeshi… 

“Ngibone sengathi besiwuphethe umdlalo, kukhona la besihluleka khona kodwa lokho kufanele uma ubheka ubuningi bemidlalo esiyidlalayo. 

“Isimo besisiphoqa ukuthi siqine ngokomqondo ukuze singalahlekelwa wumdlalo futhi abadlali bakwenzile lokho. 

“Bekukhona la besihluleka khona kodwa nathi besizama. Bekungelula ngoba besibhekene neqembu eliqeqesheke kahle. 

“Kodwa sikwazile ukuwulwela umphumela okuwuphawu lokuba ngompetha. Senze kahle namuhla.” 

Kumanje uMokwena uselibele yilo mdlalo woSuthu kwazise kukhona omunye onzima omhlalele ngempelasonto. 

ISundowns izogadulisana nePyramids SC yase-Egypt emdlalweni wayo wesithathu esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League ngeSonto ntambama.

Wonke amaqembu akuGroup A anamaphuzu amathathu okwenza leli qoqo livuleleke ukuthi linganqotshwa noma yiliphi kwamane.

Akuyihambelanga kahle iSundowns emdlalweni odlule obuseDemocratic Republic of Congo la ishaywe khona yiTP Mazembe ngo 1-0.