EzakamuvaIbhola

UCijimpi uzincoma ngokuphendula iDowns iminqolo

Uzishaya isifuba umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo “uCijimpi” Martin ngokuba ngumqeqeshi wokuqala kwiDStv Premiership ukuvalela iMamelodi Sundowns ekhoneni. 

Yize iSundowns igcine inqobile ngo 1-0 kulo mdlalo weDStv Premiership obuseKing Zwelithini Stadium ngoLwesithathu, uCjimpi uthi ezakhe ziyivulele ikhasi elisha. 

Kwakuthi AmaZulu aguqile kulo mdlalo, uCijimpi usola amadoda amane (ithimba lonompempe) ngokuthi libabambe ngophondo.

“Besidlala ibhola elihle futhi AmaZulu ngabe ashaye iqembu eliphambili e-Afrika, kodwa kunamadoda amane akuphikile lokho,” usho kanje ngemuva komdlalo. 

Usuthu aluzange luyisabe noma luyihloniphe iSundowns futhi lokhu kumenze waziqhenya uMartin oke wahilizisana noRulani Mokwena kulo mdlalo.

Uthi babe yiqembu lokuqala ukuphendula iSundowns iminqolo egcina seyenza izinto eziphambene nomuzwa webhola zokuzama ukumosha isikhathi. 

“Ngiyakuphika lokho,” kusho uMartin uma ebuzwa ngokucindezela kwezakhe esiwombeni sesibili.

“Nasesiwombeni sokuqala, emizuzwini engu-25 yokugcina, ngemuva kwephenathi AmaZulu angayobekelwanga, sibacindezelile.

“Yithi ebesilawula umdlalo, besakha amathuba futhi baze bagcina sebemosha isikhathi.

“Bekungokokuqala ke ngibona iSundowns yenza leyanto emidlalweni yePSL kule sizini.

“Ngakho ngiyaziqhenya ngendlela esidlale ngayo namuhla. Kodwa sibe nebhadi lokuthi izinqumo beziphikisana nathi njalo.” 

Lo mqeqeshi odabuka eSpain ubuye wakhala nangokusondelana kwemidlalo, athi kuyijoka elisindayo kubadlali.

“I-PSL inqume ukuthi lo mdlalo udlalwe namuhla, kusaphele izinsukwana siphuma komunye, singabanga nasikhathi sokuphumula.

“Sekuke kwenzeka naphambilini kithi, njengoba sekuphinda nje. Kodwa vele bona abanendaba nezimpilo zabadlali. 

“Kumele sidlale, siyadlala, abadlali balimale. Kubi kodwa ngoba bangabantu kodwa ke ayikho into esingayenza.”

UCijimpi uzofuna ukuthi iqembu lakhe liqhubeke ngale ndlela elidlale ngayo neSundowns uma sebebhekene neSekhukune United ngoDisemba 13.