EzakamuvaIbhola

U-Okocha ufisa uPitso ayovusa iSuper Eagles

Inkakha yaseNigeria, uDaniel “Jay-Jay” Okocha ithi kungaba yinto engalivuselela iqembu lakubo lsizwe iSuper Eagles ukuthola umqeqeshi ofana noPitso Mosimane. 

Ukholwa wukuthi amava kaMosimane ebholeni lase-Afrika jikelele angaba wusizo kakhulu kwazise engafica ukhilimu wabadlali. 

Naye uMosimane usanda kukuveza ukuthi engakujabulela ukuthola elilodwa phakathi kweSuper Eagles neBlack Stars yaseGhana.

Wathi isifiso sakhe wukuba seNdebeni yoMhlaba neqembu lesizwe kanti ubona engaba sethubeni elihle ngalamaqembu ngenxa yabadlali bawo.

No-Okocha, okuleli ukuhambela umcimbi wokubungaza iminyaka engu-60 kwasungulwa iligi yaseGermany, iBundasliga, uyakubona lokhu okushiwo uPitso.

“Nakanjani, angingabazi ukuthi uPitso ngomunye wabaqeqeshi abaphambili e-Afrika,” kusho u-Okocha.

“Irekhodi lakhe lisobala. Uma singathola umqeqeshi ofana nalowo ngicabanga ukuthi engalinyusa izinga ebholeni lethu. 

“Unamava amaningi ngebhola lase-Afrika. Angazi ukuthi kuyiqiniso kangakanani, kodwa umqeqeshi onjengaye uyabiza.” 

INigeria njengamanje iqeqeshwa nguJose Peseiro wasePortugal kodwa izinto azimhambeli kahle.

Akayiqalanga ngendlela ebilindelwe imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngenyanga edlule, ebambana neLesotho neZimbabwe. 

Lokhu sekwenze kwanamahlebezi okuthi uma eke waphinde wabhinjelwa yizinto emdlalweni olandelayo, ibhantshi lizogcwala umoya. 

U-Okocha ukuvumile naye ukuthi uma ebheka abadlali abanabo, iSuper Eagles ayikho ezingeni eliyifanele njengamanje.  

“Angicabangi ukuthi sila sifanelwe ukuba khona. Sihlezi sizitshela ukuthi singelinye lamaqembu aphambili e-Afrika. 

“Kodwa imiphumela yakamuva ayikufakazeli lokho. Ngakho, kungenzeka ukuthi asisekho ezingeni esasikulo ngezikhathi zethu.

“Yilokho esizama ukukubuyisa. Sinabafana abancane abahle kakhulu kodwa inselelo ukubenza badlale njengeqembu hhayi ngayedwana.

“Yilapho ke umqeqeshi kufanele angene khona. Kodwa angingabazi ukuthi sinabadlali abahle kakhulu.”