EzakamuvaIBetway Premiership

Umgadli weChiefs ulobizela ukuhlohla amanye amagoli

SIHLE NGUBO

Ulangazelele ukuhlohla amanye amagoli umgadli weKaizer Chiefs uFlavio Silva.

Lo mgadli, ongowokuzalwa eGuinea-Bissau nodlale emaqenjini amancane esizwe asePortugal, yisizini yakhe yokuqala kuMakhosi.

USilva useshaye amagoli ayishiyagalombili selokhu efike kwiChiefs, kuyo yonke imiqhudelwano.

Ushaye igoli lokuqala komdlalo ngesikhathi iChiefs ithela othulini iTS Galaxy ngo 2-0 koweBetway Premiership, eFNB Stadium, ngeSonto.

Ujabule kakhulu ngokuthi babuyelwe umgqigqo njengeqembu kodwa usafuna benze okungaphezulu.

“Bengilokhu ngijabule (selokhu ngafika) kodwa manje ngesese kakhulu ngokunqoba imidlalo emine ilandelana,” kusho uSilva oneminyaka engu-30.

“Kuhle kakhulu eqenjini nomdlalo wonkana.”

Uthe kuyinto enkulu kuyena ukudlalela iqembu elikhulu njengeChiefs.

“Angikhonondi ngalutho. Yindawo engifisa ukuba kuyona nengiyithandayo selokhu ngifikile ukuzodlalela iqembu elinje.

“Yiqembu elikhulu elinengcindezi. Kimina kuwukufezeka kwephupho ukudlalela iChiefs enengcindezi engaka.”

Uthe ayikho imfihlo etheni ekushayeni kwakhe amagoli kodwa uyazama ngakho konke njengomgadli.

“Kuhlezi kumayelana neqembu. Ngiyakhuluma nozakwethu ngibatshele ukuthi ngingakwazi ukushaya amagoli amaningi.

“Kodwa angiyena uMessi noma uRonaldo, angikwazi ukujika abadlali abane noma abahlanu bese ngishaye amagoli.

“Ngingena ezikhaleni bese bangiphasele (ibhola). Ngiyakholelwa kakhulu kubona.”

IChiefs izobhekana neMagesi FC emdlalweni weBetway Premiership, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.

USilva uthe bafuna ukuqhubeka nokunqoba ukuze bafeze iphupho labo lokudlala kwiCAF ngesizini ezayo.

“Sifuna amaphuzu amathathu ngoba sinezinhloso ezinkulu. Sifuna ukujabula futhi,” kusho lo mgadli.

“Siyabahlonipha, ngeke sibathathe kancane. Siyazi balwela ukuba kwiPremiership ngesizini ezayo.

“Nathi sifuna ukuba kwiCAF, sifuna ukuba kwiTop 3…

“Ngeke sime kuze kube sekugcineni. Uma ngingakwazi ukushaya amagoli angu-20 akufanele ngime noma ngizikalele.”

USilva kulindeleke ukuthi awuqale umdlalo ngoLwesithathu, kanjalo noGlody Lilepo oshaye igoli lesibili bebhekene neRockets.