UBroos ukhala ngoNtseki omfake ‘kwi-voicemail’
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, usedalule ukuthi uzakwabo weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, uvele wamziba uma ecela ukuhlangana naye.
UBroos ubefisa ukuhlangana noNtseki ukuze acacise amazwi akhe angehlanga kahle kwabeChiefs ngesikhathi ememezela iqembu lakhe ngenyanga edlule.
“Ooh uMolefi? Ngimthumelele umlayezo kodwa akangiphendulanga,” kusho uBroos kuleli viki.
Ubethula iqembu lakhe azolisebenzisa emidlalweni yokuzwana amandla ne-Eswatini ne-Ivory Coast ngeviki elizayo.
“Ngamcela ukuthi sihlangane kodwa angiphendulanga.” UBroos ususe umsindo ngenyanga edlule lapho ethi abadlali beChiefs abakufanelwe ukuba kwiBafana.
La mazwi ezwakala enendelelo phakathi futhi kwathi uma uNtseki ebuzwa ngalamazwi, wathi yena akazi uBroos ufunani.
“Ukube kunemibandela asinike yona yokuthi umdlali kumele abe nalokhu nalokhu ukuze adlale kwiBafana mhlawumbe ngabe ngiyaphawula.
“Mina ngibile umqeqeshi weBafana futhi ngangibahlonipha bonke abanye abaqeqeshi namaqembu,” washo kanje uNtseki.
Ngaleso sikhathi, uBroos wagcina ethathe uPule Mmodi kuphela kwiChiefs, naye wangena ngoba ezovala izikhala sikaThamba Zwane owayelimele.
Kulokhu uqoke uSibongiseni Mthethwa kuphela kwiChiefs. Kuzokhumbuleka ke ukuthi uMthethwa naye uyazifikela kwiChiefs.
Umdlali wasemuva we-Orlando Pirates uPaseka Mako uyena kuphela umdlali obizelwe eqenjini lokuqala.
Uthathe indawo kakaputeni wakhe kwiPirates u-Innocent Maela olimele. NoThapelo Morena noBathusi Aubaas beMamelodi Sundowns abafakwanga kwiBafana ngenxa yokulimala.
FUNDA NALA: ISundowns iqhathwe neTP Mazembe kwiChampions League
Le midlalo yobungani iyingxenye yamalungiselelo eBafana e-Africa Cup of Nations (Afcon), ezodlalelwa e-Ivory Coast ngoJanuwari wonyaka ozayo, neyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 ezoqala ngenyanga ezayo.