EzakamuvaiDStv Premiership

URiveiro ubona iBucs isangayiphazamisa iDowns kweseligi

Umjaho wesicoco seligi usavulelekile yize abaningi bebona sekoba nzima ukuvimba iMamelodi Sundowns elokhu iqhubekile nokunqoba. 

ISundowns kumanje inamaphuzu angu-30 ngemuva kwemidlalo eyishumi njengoba ingakahlulwa selokhu kuqale isizini. 

Isivule igebe lamaphuzu amahlanu kwiCape Town Spurs okuyiyo ehlezi endaweni yesibili. 

Nokho umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro ubona isangahubheka iSundowns uma nje ezakhe zingakwazi ukuqeda lo nyaka ngegiya eliphezulu.

IPirates isalele ngamaphuzu angu-11 kwiSundowns esenemidlalo eyigodlile. EzikaJose Riveiro zisendaweni yesithupha ngamaphuzu angu-19. 

Kodwa uma kungaya ngesifiso salo mqeqeshi odabuka eSpain, kungayiwa ekhefini leCaf Africa Cup of Nations iPirates seyisondele kakhulu kwiSundowns. 

“Isifiso sami wukuthi siqoqe amaphuzu angu-12 kule midlalo emine yokugcina kulo nyaka,” kusho uRiveiro kuleli viki. 

Ubekhuluma nabezindaba ngemuva kokuthi ezakhe zishaye iMoroka Swallows ngo 2-0, zakhomba ukuthi ziyavuka emaqandeni. 

URiveiro usalelwe yimidlalo emine kule nyanga kanti uzobhekana neTS Galaxy ekhaya e-Orlando Stadium ngoMgqibelo kusihlwa. 

Kuzobe sekuthi ngeSonto likaDisemba 17 abhekane neGolden Arrows ekuhambeni eThekwini. 

Ukusuka lapho uzoya ePitori eyobhekana neSuperSport United ngoDisemba 23 bese evala unyaka ngeStellenbosch ekhaya ngoDisemba 29.

“Sifuna ukubhekana nomdlalo ngamunye ngoba uDisemba uwukhiye kithi ngoba sifuna ukuvala unyaka sisendaweni enhle. 

“Ukuba sendaweni enhle kuzowakhuphula amathuba ethu okuthi silwele isicoco seligi. 

“UDisemba uzoba yinyanga enzinyana njengoba sonke sazi, kodwa yinto ewumsebenzi wethu sonke ukuthi senze okusemandleni.”