UKhanye uvuke ngohlelo oluzokhonjiswa kumabonakude
Usevuke ngohlelo olusha lukamabonakude owayengumdlali weKaizer Chiefs, uJunior Khanye osezakhele igama ngokuba ngumhlaziyi obeka amaqiniso njengoba enjalo.
Uhlelo oluzobheka impilo yakhe, oluzobizwa nge”Fixing the Game: Junior Khanye” luzokhonjiswa kuMzansi Wethu kusukela ngoJulayi 11.
I-Fixing the Game wuhlelo oluzoba neziqembu ezingu-14 oluzokhombisa ngempilo kaKhanye. Luzoveza noma esehlela imidlalo ngakubo eDaveyton ngenhloso yokuvundulula umdlali azomusa emaqenjini e-PSL.
Uthola lolu hlelo nje uKhanye usanda kwethulwa njengenxusa lenkampani yezokubheja iWorld Sports Betting.
“Wayebukeka ezoba yisihlabani ebholeni lakuleli esemncane kodwa konke kwajika kwaba mapeketwana,” kusho aboMzansi Wethu esitatimendeni.
“Manje uJunior Khanye usezombulela izwe ngokwenzeka empilweni yakhe njengoba ezama ukuyihlanganisa kabusha.”
Lolu hlelo luzokhonjiswa njalo ngoLwesine ngo-6.30 ebusuku kusukela ngoJulayi 11.
UKhanye wavundululwa yinkulisa yeChiefs wagcina enyuselwe eqenjini elikhulu.
Wafika kulo washeshe wazifaka ezinhliziyweni zabalandeli ngenxa yebhola elihle ayelidlala elidle ngomjiko oya phambili.
Wayebukeka ezoba ‘uJabu Pule’ omusha kodwa ukungaziphathi kahle nokungenwa wuphuzo kwagcina kumqumbe phansi.
FUNDA NALA: Usenqunyelwe ugwayi katiki uJohnson kwiChiefs
Kulolu hlelo uzohlambuluka ngazo zonke izinselelo abhekane nazo empilweni yakhe kusukela engakaziwa ebholeni kuze kufike la ekhona manje.

