EzakamuvaIbhola

UNdlanya uxwayisa izitobha ngobunzima ezizobuthweswa abagadli beChiefs

Alfred Ngubane

Inkakha yeKaizer Chiefs, uPollen Ndlanya ukholwa wukuthi abagadli baleli qembu laseSoweto basazoba yingozi enkulu ngokuhamba kwesikhathi. 

Uthi izitobha zisazothwala kanzima impela ukubavimba futhi zizolala ziyidonsa ngamazinyo ingubo uma kade zigadulisana nabo. 

NgokukaPollen Ndlanya, umgadli omusha weChiefs uRanga  Chivaviro, uza kahle futhi uyazethemba.

“Ngibona bethenge kahle abaphathi beKaizer Chiefs kulo mfana lo uChivaviro ngoba ungumgadli oqatha futhi onamandla,”kusho uPollen Ndlanya. 

“Kudala iKaizer Chiefs yagcina ukusayina umgadli oqatha futhi onamandla kanje.”

UNdlanya nokho uyakuqonda ukuthi kusazomthatha isikhashana uChivaviro ukuthi aqala ukwenza lo msebenzi alandelwe wona.

“Njengoba kade elimele nje, kuzothi ukumthatha isikhathi ukungena kahle eqenjini, akwazi ukujwayelana nozakwabo. 

“Kodwa .lapho azongena khona, kuzokhala abantu ngoba uyakhahlela futhi uyakwazi nokugcina ibhola kuyena.

“Nicabanga ukuthi uMolefi Ntseki kuzomele amnike ithuba lokudlala njalo khona ezobuyelwa ukuzithemba.

“Ngibona ezodlala kahle uma sebewayelene no-Ashley Du Preez ngoba yena uyakwazi ukulanda ibhola esiswini kanti unejubane eisimangangalisayo enjalo nje. 

“Kodwa  kuzomele nabadlali basesiswini babaphasele amabhola amahle ukuze bashaye amagoli. 

“Kuba yinkinga enkulu kubagadli uma bengawatholi amabhola ahlakaniphile kubadlali baseswini. 

“Kudala ukuthi bazilandele bona ibhola bese bemakeka kalula noma basheshe bakhathale.

“Abadlali basemuva eqenjini abasuke bedlala nalo bayakhululeka bahlasele uma  kunjalo,”kuchaza uPollen Ndlanya. 

Le nkakha, nayo eyayingumgadli ongalibheki ipali, yadlala ngezikhathi zoThabang Lebese, Thabo Mooki, Frank Makua noDavid Modise kwiChiefs. 

BUKA: Uzidlela ubusha bakhe uKhama Billiat ‘oweqa’ kwiChiefs

Waphinde wadlala nakomakhelwane beChiefs baseSoweto i-Orlando Pirates, nakhona amagoli wayezitamuzela nje.