IGallants ifuna imali ‘yomuthi’ eyayikhokhela uMnisi
Sekuvele okwahlukanisa uSinky Mnisi neMarumo Gallants ebimqashe ekuqaleni kwesizini ukuba abe yisikhulu esiphezulu.
Leli qembu laseLimpopo lakucacisa ukuthi lifuna ukubuya ngokushesha kwiDStv Premiership njengoba lidliwe yizembe ekupheleni kwesizini edlule.
Yingakho ke kulandwe uMnisi, onomlando omuhle wokusiza amaqembu enyukele kulesi sigaba esuka kwiMotsepe Foundation Championship.
Lesi sikhulu esesike sasebenza emaqenjini amaningi ehlukene okukhona kuwo iHighlads Park neRoyal AM, sihlezi sichoma ngokuthi sona sinekhambi eliqinisekisa ukwenyuka kweqembu.
Futhi ke uzifakazela ngokuthi lokhu wakwenza kwiHighlands nakwiRoyal AM okungamaqembu anyukele kwiPremiership kuphethe yena kuwo.
NeGallants beyithembe okufanayo ukuthi ‘isikhwama’ sikaMnisi achoma ngaso sizoyisebenzela.
Kodwa ke, njengasemjolweni, kuphele ngezinyembezi njengoba izinto zivele zabhimba kakhulu kunokuthi zilunge.
Kumanje leli qembu lingasemsileni kwiChampionship futhi noMnisi usexoshiwe kanti manje abaphathi bafuna imali yabo ngokubika kweSunday World.
Kuvela ukuthi iGallants seyilufake eNkantolo ePhakeme yaseGoli udaba lukaMnisi njengoba ifuna kubuye imali yayo.
Kuthiwa uMnisi ubehola u-R200 000 ngenyanga, aphinde anikwe u-R200 000 ngenyanga okuthiwa owokuholela inyanga ebizosiza iqembu linqobe.
Ngokwalo mbiko, uMnisi wethembisa ukuthi inyanga yakhe izoqinisekisa ukuthi iqembu linqoba imidlalo emibili kwemithathu eliyidlalayo.
Kuthe uma kungasenzeki lokhu, iqembu lihlulwa sengathi liloyiwe, waqala waqhamuka nezaba waze wacela ukuthi ijezi leqembu lihlale kuye.
Wathi lokhu wenzela ukuthi inyanga ilisebenze ngaphandle kokuphazamiseka ukuze iqembu likwazi ukunqoba njengokuthembisa kwakhe.
Kuthe uma kuqhubeka isikhathi isimo singajiki, usihlalo weGallants, u-Abram Sello wamthumelela umlayezi ngeWhatsApp ecela abuyise ijezi.
Kodwa kunalokho, ubone sekuvela kwabezindaba ukuthi uMnisi usesulile eqenjini futhi esefake icala kwiPSL lokuxoshwa ngendlela engafanele.
FUNDA NALA: UNwabili uhlambuluka ngokumataniswa neChiefs
Ube esefuna ukunxeshezelwa ngemali ebalelwa ku-R13 milion nokuyilapho ke neGallants ibe seyimfaka enkantolo ifuna abuyise imali ayeyithatha ethi eyenyanga.

