Elinye ifu elimnyama eKZN kushona umdlali webhola
SIWE SHOZI
Basathukile ozakwabo, abalandeli nezikhulu zebhola KwaZulu-Natala kushona ngokuzuma umdlali obegijima eqenjini le-ABC Motsepe League elizinze e-Eastern Cape.
UNziswa Silangwe, odabuka KwaNzimakwe, ePort Shepstone, ushone ngeSonto kusihlwa kulandela ukugula isikhashana.Â
USilangwe ubedlala kwiSinenkani FC, engelinye lamaqembu anedumela esigabeni se-ABC Motsepe League kuleli.
Lo mdlali obeneminyaka engu-27 ubudala uqale wabika ukungazizwa kahle ngemuva komdlalo abebebhekene kuwo neTwo For Joy yaseThekwini emidlalweni yeziteki eGlebelands Stadium ngeSonto ntambama.
Ngaleso sikhathi uNsizwa ubedlala kwelinye iqembu elibizwa ngokuthi AmaMpondo FC kulesi siteki nokuyinto abeyijwayele vele.
Kuvela ukuthi ngemuva komdlalo ukhale ngokuthi uzizwa enyukelwe yisifo sokuphefumula esaziwa ngokuthi yiBP.
Akuzange kuthathelwe phezulu lokhu njengoba naye ubezihambela, engakhombisi izimpawu zokuthi uxineke kakhulu.
Nokho kuthe uma sebesendlini abebekhempele kuyo elamontville, kwaqala kwamxina kakhudlwana ukugula.
Ngokusho kwabebenaye endlini, kuthiwa ubesethi uyalala ngesikhathi abanye bethi akabuye kuke kuxoxwe njengenjwayelo emaqenjini uma esekhempini.
Nokho kube sekubakhona ombonayo ukuthi indlela alele ngayo ayijabulisi, kwayilapho bethola ukuthi usexineke kakhulu, akusaphefumuleki.
Ube esephuthunyiswa esibhedlela iCity Hospital esisenkabeni yedolobha eThekwini, nokuyilapho efike waphelela khona uSilangwe.
Khonamanjalo, umnyango wezemidlalo wesifunda uthe sebezitholile lezi zindaba ezibuhlungu wabe sewuthembisa ukulula isandla ukusiza umndeni kulesi simo.
FUNDA NALA:Â USukazi uchitha umbiko othi umqeqeshi usenamasheya kwiGalaxy
Emaqenjini abeseke wadlala kuwo uSilangwe kukhona iHappy Wanderers, Bizana Pondo Chiefs, Spears Of The Nation, AmaMpondo FC neSinenkani FC.
Imizamo yokuthola umndeni ayizange iphumelele kodwa Impempe izozama ukuthola imininingwane yokufihlwa kwakhe.
USilangwe akayena umdlali wokuqala waseKZN ukushona kulo nyaka njengoba kudlule ababili esigabeni esikhokhelayo iDStv Premiership.
Kushone uSIphamandla Mtolo weRichards Bay ngoMashi kwase kulandela uBongi Ntuli waMaZulu FC, oshone ngoNovemba 5.

