URiveiro uphika eyokuvuma ukubolekisa ngoMabasa
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uziqhelelanisile nesinqumo seqembu sokubolekisa umgadli ohamba phambili uThsegofatso Mabasa ekuqaleni kwesizini.
Lo mgadli oneminyaka engu-27 usengene emjahweni weLesley manyathela Golden Boot kwiDStv Premiership ngemuva kokushaya into ecokeme ngempelasonto edlule bebhekene neGolden Arrows.
UMabasa kumanje unamagolu angu-10, usele ngeilodwa kuLucas Ribeiro weMamelodi Sundowns njengoba iligi seyiya ngasemaphethelweni nje.
Useke wabolekiswa kwiSekhukhune United ngesizini edlule, wafike wakukhombisa ukuthi ungumgadli obukhali.
Kodwa nasekuqaleni kwale sizini uphinde wakhishwa, kulokhu wakhonjwa kwiMoroka Swallows.
Nakhona ufike wawaqhulula amagoli. Kusize izinkinga zemali ezibhekene neSwallows ukuthi abuyele kwiPirates ngoJanuwari.
“Singakubona kanjani lokho (ukuthi kube yiphutha)?,” kusho lo mqeqeshi we-Orlando Pirates kwabezindaba kuleli sonto.
“Kulungile… Kumele ngikhulume iqiniso, ngesikhathi ngifika kwiPirates, uTshego wayengekho, ngiyaqala ngqa ukusebenza noTshego.
“Sasinabagadli abayisishiyagalombili ngesikhathi ngibeka unyawo lwami enkundleni yokuzilolonga kwiPirates, uTshego wayengekho kubo.
“Izizathu, angikwazi ukukutshela zona ngempela. Kodwa cishe kuhlobene nokusebenza kwakhe, nganoma yisiphi isizathu.
“Noma kungenxa yokuthi ngaleso sikhathi abanye babesebenza kangcono, angazi ngempela.
“Ngeke ngikwazi ukuwuphendula lowo mbuzo ngoba angizange ngibe nayo leyo ngxoxo noTshego.
“Nginqwamane nomunye ohlukile ngesikhathi ebuya (kwiSwallows),” kuphetha lo mqeqeshi odabuka eSpain.
FUNDA NALA: UMotswari usabawela ukuphoxa iPirates ngegoli
Uhlu lwabadlali abayishumi abahamba phambili ngamagoli kwiDStv Premiership kule sizini:
11 – Lucas Ribeiro (Mamelodi Sundowns)
10 – Tshegofatso Mabasa (Orlando Pirates)
9 – Khanyisa Mayo (Cape Town City)
8 – Bradley Grobler 9 (SuperSport Untied); Iqraam Rayners (Stellenbosch FC)
7- Samir Nurkovic (TS Galaxy)
6 – Devin Titus (Stellenbosch FC); Ashley Cupido (Cape Town Spurs); Augustine Kwem (AmaZulu); Lungelo Nguse (Golden Arrows)

