USiya Ngezana usehehe amehlo eleligi enkulu yaseFrance
Umdlali wasemuva we-FCSB, uSiyabonga Ngezana, usedonse amehlo eqembu le-Ligue 1 yaseFrance, i-FC Lorient kulandela ukudlala kahle kwakhe e-Romania.
Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala usayine kulezi zinkunzi zaseRomania esuka kwiKaizer Chiefs ekuqaleni kwale sizini.
USiyabonga Ngezana usayine inkontileka yeminyaka emihlanu. Uke wadonsa kanzima ke nokho esafika kuleli qembu futhi kuke kwangathi uzogcina exoshiwe.
Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, naye ejwayela kuleliya lizwe, ugcine esengumdlali omqoka kwiFCSB.
Unikwe ithuba lokuqala imidlalo kulandela ukulimala kukakaputeni weqenbu, uVlad Chiricheș, walibamba ngazo zombili lelo thuba.
Kusukela lapho, uSiya Ngezana usebonakale emidlalweni engu-13, wenza into encomekayo ngokubambisana noJoyskim Dawa waseCameroon.
Ngokubika kwe-iDiski Times, iqembu ebelimfuna ngaphambi kokuthi aye kwiFCSB, iFC Sherrif, nalo selibuyile ukuzozibika kulo mdlali.
Kodwa iFC Lorient nayo isizwakalise intshisekelo. Imithombo esondelene nalo mdlali ikuqinisekisile ukuthi iLorient iyamfuna.
Nokho kuzomele ibe nephakethe elingenamkhawulo njengoba kuthiwa iFCSb ibheke imali esuka ku-R120 million kuya phezulu.
Uma kwenzeka egcina ngokudayiselana lamaqembu, iChiefs nayo ziohlomula njengoba izohlezi ithola u-10% wemali adayiswa ngayo njengoba kuyiyo eyamkhulisa.
FUNDA NALA: Lixoshe isikhulu ele-PSL, sisolwa ngomkhonyovu
ILorient iyakudinga ke ukuqinisa iqembu njengoba izinto zingayimele kahle kwiligi. Kumanje isendaweni ka-16.

