EzakamuvaIbhola

UMammila akanankinga nokulahlekelwa unozinti wakhe

Umqeqeshi weChippa United, uMorgan Mammila unesiqiniseko sokuthi unozinti wakhe, uStanley Nwabili uzongena eqenjini leNigeria elizodlala kwi-Afcon.

UNwabili uhehe amehlo omqeqeshi weqembu lesizwe langakubo eNigeria, uJose Paseiro, office kuleli ezobonana naye. 

Ngokusho kukaMammila, uNwabili noPaseiro babe nengxoxo evulelekile, badla nesidlo sasemini nesakusihlwa ndawonye. 

UNwabili wenza kahle kakhulu kule sizini futhi ngokwemibiko, usehehe namehlo eKaizer Chiefs efuna ukuqinisa ezintini.

Kodwa uMammila ubona lo nozinti ezothola amadlelo aluhlaza ngemuva kwe-Afcon ezobanjelwa e-Ivory Coast ngoJanuwari.

“Indlela adlala ngayo, nakanjani uzongena (eqenjini eliya kwi-Afcon),” kusho uMammila kwabezindaba ngempelasonto.

Ubekhuluma ngemuva kokuthi ezakhe zibhuquzise iGolden Arrows ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo.

“Ngilindele ukumbona kwi-Afcon. Inkinga nje wukuthi uzosilahlekela uStanley. Uma edlale kanje kwi-Afcon, ngiyanitshela, ngeke abuye.”

Uthe uma kwenzeka kuvela iqembu elimfunayo, ngeke bamvimbele ngoba yena ‘nomngane wakhe’ uSiviwe Mpengesi abangabazi uma kumele badayise umdlali. 

“Mina nomngani wami uChippa Mpengesi, asisichithi isikhathi uma kukhona okubekwa etafuleni ngomdlali, siyamdedela ahambe. 

“Sinjalo nje. Uyindoda enqotho. Yingakho evumele uMorgan ukuthi ukuthi aqeqeshe iqembu lakhe.” 

UNwabili uke waphawula ngaahlebezi okuthi ufunwa yiChiefs, wathi yena ngeke azikhathaze ngawo kuze kube kukhona okusetafuleni. 

“Amahlebezi ayilokho nje, amahlebezi. Ayikho enye into engiyicabangayo kuze kube kukhona okubekwe etafuleni. 

“Njengamanje ngigxile la eqenjini lami, ukulisiza libe ngcono kule sizini. 

“Angikhathazekile ngokuthi kwenzakalani ngaphandle ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana. Ngizikhathaze ngeChippa nje kuphela.”