Imininingwane emisha ngokwenzeka kubulawa uFleurs
Abegaraji likaphethiloli la kubulawele khona umdlali weKaizer Chiefs, uLuke Fleurs okukholakala ukuthi wayebanjwa inkunzi, seliphawulile ngalesi sigameko.
Ngomlomo kaPam Ntaka, okunguye okhulumela iShell Downstream South Africa, leli garaji eliseRoodepoort liveze ukuthi abasebenzi balo abalimalanga kulesi sigameko.
UFleurs wadutshulwa omunye wamadoda amabili agcina ebalekele nemoto yakhe.
Washonela endleleni eyiswa esikhungweni sezempilo. IShell ithi abasebenzi bayo abalimalanga. Lo mdlali, obeneminyaka engu-24, ubulawe kuleli garaji eliseConstantia eFlorida, eRoodepoort, eGoli, ngoLwesithathu, mhla ka-3 Ephreli.
UNtaka utshele iSunday World ukuthi kwakunabasebenzi abane ababesebenza ngalobo busuku.
Mayelana nophenyo lwamaphoyisa, uNtaka uthe sebeludluliselile lonke ulwazi olucelwe ngamaphoyisa kubona.
Nokho uthe akukho okunye abakwazi ukudalula njengoba uphenyo lusaqhubeka.
“Sisazibophezele ekusebenzisaneni neziphathimandla nokweseka uphenyo lwazo.
“Kodwa sifuna ukuhlonipha umndeni futhi asifuni ukuphazamisa uphenyo lwamaphoyisa.
“Ngeshwa, asinayo inkululeko yokwabelana nganoma yiluphi ulwazi mayelana nalesi sigameko,” kusho uPam Ntaka.
UFleurs wayehamba nabanye abafana ababili emotweni yakhe ebomvu iVW Golf 8 GTI ngalobo busuku benhlekelele.
Umthombo obone ividiyo enikezwe amaphoyisa, uveze ukuthi abafana ababili behla emotweni bagijima bayoasha ngemuva kwegaraji abaduni ababili bevula izicabha zemoto.
Ngokusho kukaNtaka, bobabili abagibeli abalimalanga.
UFleurs wazalelwa eMitchells Plain wathuthela eFish Hoek ngemuva kokusayina ne-Ubuntu Academy ngo-2013, ayedlala kuyo ikwiNational First Division.
Ujoyine iSuperSport United ngo-2018 wahlala iminyaka emihlanu naleli qembu lasePitoli ngaphambi kokujoyina iChiefs ngonyaka odlule.
UFleurs ubeyilungu leqembu le-SA Olympics emidlalweni yaseTokyo 2020.
Ngonyaka odlule, ujoyine iChiefs – okuyinto ayichaza “njengokufezeka kwephupho” kwi-X.
FUNDA NALA: Kukhuthazwa isibabuli sePirates ukuthi siyilaxaze
Okubuhlungu wukuthi ubengakaze adlale nakanye kuMakhosi njngoba esebulewe ngale ndlela enesihluku kanjena nje.

