EzakamuvaIbhola

IRichards Bay ishwabulele amaqembu ashela unozinti wayo

Isiveze ukukhathazeka kwayo iRichards Bay ngokuthi kunamaqembu ahubha unozinti wayo uSalim Magoola.

Ngokwesitatimende esikhishwe yiNatal Rich Boyz, maningi amaqembu enza lokhu kodwa awayilandeli imigudu efanele.

Leli qembu likhiphe isitatimende lishwabulela amaqembu eliwasola ngokushela unozinti walo, lithi yimbi lento ayenzayo.

Kuvela ukuthi uMagoola, odabuka e-Uganda, usalelwe yizinyanga eziyisishiyagalombili kwinkontileka yakhe neRichards Bay.

Lokhu sekwenze izesheli ukuthi zimnxenxe ukuthi angavumi ukuyivuselela ukuze zimthole mahhala ekupheleni kwesizini.

“SiyiRichards Bay FC sikhathazekile ngokuthi kunamaqembu ePremier Soccer League nawasezwenikazi i-Afrika, afuna unozinti wethu uSalim Magoola,” kuchaza isitatimende esikhishwe yileli qembu laseMhlathuze.

“Njengeqembu sikuthatha njengokungahloniphi nokungaziphathi kahle lokhu okwenziwa yila maqembu. 

“USalim Magoola unenkontileka ende neqembu nokuchaza ukuthi ungumdlali wethu.

“Amaqembu azi kahle ukuthi yini okumele ayenze uma enentshisekelo yomdlali. 

“Kumele alandele imigudu efanele hhayi ukunyonyoba ezinkundleni zokuxhumana noma ukuxhumana nomdlali uqobo.” 

Okwenza iRichards Bay ikhale wukuthi ukuzwa izindaba zokuthi ufunwa amanye amaqembu, ikakhulukazi amakhulu, kungamphazamisa lo mdlali. 

“Iqembu linxusa ukuthi abenza lokhu bawuyeke lo mkhuba. Lokhu sikubona njengendlela yokuketula iqembu.”

Phakathi kwamaqembu afuna onozinti kukhona iKaizer Chiefs ebamba iyeka ezintini selokhu kuqale isizini. 

Akwaziwa nokho ukuthi yimaphi amanye asenhla ne-Afrika anenkinga efana neyaMakhosi.

Uma kuyiChiefs leli qembu ekhala ngalo kabuhlungu kanjena, kuzobe kungekhona okokuqala bebanga nayo into ecishe ifane. 

Kuzokhumbululeka ukuthi ekuqaleni kwesizini lamaqembu abange umgadli uRanga Chivaviro kwaze kwathenjiswana izinkantolo. 

FUNDA NALA: Kuvela ezingezinhle ngokulimala kukaSipho Chaine weBucs

Nokho leyo yagcina ilamuleke kahle, kwavunyelwana njengoba uChivaviro egcine kwiChiefs nje.