EzakamuvaIbhola

Iyanyinyitheka yizinkinga i-Urban Warriors 

Izinkinga zeCape Town Spurs, engomakoti kwiDStv Premiership, ziningi zingagcwala ibhasi ezotheleka ngalo eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu ebusuku.

I-Urban Warriors iyayikizela izinkinga kodwa kuzomele ifike izithi di kwiMamelodi Sundowns ezobhekana nayo emdlalweni weDStv Premiership. Umdlalo uqala ngo-7.30 ebusuku. 

Leli qembu laseKapa lifike kwiPremiership kwangahamba kahle, lisuka kwiMotsepe Foundation Championship. 

Belinyuswe uShaun Bartlett ohluleke wancama ukuwina umdlalo wePremiership waze wakhonjwa eza ngayo.

Besikhala siphindelela isibhaxu kwi-Urban Warriors kwaze kwaba imangaza i-Orlando Pirates ngokuyishaya ngo 2-1 koweligi. 

Iwona wodwa umdlalo osawinwe yiCape Town Spurs kule sizini, nokwenza kungamangazi ukuyibona iyivale emsileni kwilogi.

Ngemuva kokuxoshwa kukaBartlett kube sekulandwa uqweqwe u-Ernst Middendorp ukuba azotakula umkhumbi ozikayo. 

Nokho isibhaxu sisaqhubeka kwi-Urban Warriors futhi lo mqeqeshi waseGermany ubukeka ehlalelwe yinkahlankahla yomsebenzi ukushintsha izinto.

Kuthe kusabhekwe ukuthi iqembu lisuka kanjani emsileni, kwavela izindaba zokuthi selihlukene nomdlali onamava uBradley “Surprise” Ralani. 

Impempe kuleli sonto isanda kubika ukuthi uRalani ukhethe ukushiya iSpurs ngoba engayingeni eyokuthi abuyise umfana wakhe kwiCape Town City, asanda kusayina kwinkulisa yayo.

Kuthiwa abe-Urban Warriors abajabulanga ngokuya kwentwana kaRalani kwiCitizens, futhi bebemphoqa ukuthi ayibuyise ukuze akhombise ukwethembeka eqenjini abelidlelela. 

Nokho lo mdlali, oke wayibamba kwiMamelodi Sundowns, ukhethe ukushaya utshani ngokuthula.

Ezivela ngaphakathi kwiSpurs zithi uMiddendorp usafuna ukuchitha abanye abadlali ababona bengenamsebenzi eqenjini. 

Nakanjani leli qembu kuzomele lingene emakethe njengoba kuzovula iwindi lokudayiselana ngabadlali ngenyanga ezayo.

Okwamanje i-Urban Warriors kumele ibhekane nomqansa wokuyobhekana nompetha beligi, iSundowns, enkundleni yayo lapho ingashaywa khona kalula. 

Kuphakathi kokuthi izoqeda izinkinga zayo (eziyinqwaba) ngokuba yiqembu lokuqala ukushaya iSundowns kule sizini, noma ke uzobuya sezandile izinkinga seyithole esikhulu isibhaxu eLoftus.

Amaqembu avika izembe anakho ukumangaza lawo aphezulu kwilogi njengoba seyike yenza iSpurs ishaya iBucs. 

Mhlawumbe uMiddendorp yilokho azothembela kukona nokuthi atshele abadlali bakhe ukuthi bangavuka neSundowns.