EzakamuvaIbhola

Sekusele igama kwiRoyal AM, iphelile indaba yayo

SIHLE NGUBO 

Kubukeka sekuphelile ngeRoyal AM futhi awekho amathuba okuthi iyoke iphinde ibonakale idlala imidlalo yeBetway Premiership kule sizini.

Ngokoluhla lwemidlalo yeBetway Premiership yonke imidlalo yaleli qembu likaShauwn Mkhize ihlehlisiwe, kanti amanye amaqembu ayaqhubeka nemidlalo yawo.

IThwihli Thwahla bekumele idlale neStellenbosch FC emdlalweni weligi eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

Nokho abalandeli bebhola baseMphithi kumele bakhohlwe yilowo mdlalo ngoba ngeke ube khona njengeminye emithathu edlule yaleli qembu.

IRoyal AM ayikwazanga ukudlala imidlalo emithathu edlule njengoba ibhekene nenkinga yemali. Abadlali bayo abaholanga ngoDisemba base bekhetha ukungalubhadi ejimini.

Imidlalo yeBetway Premiership engayidlalanga iRoyal AM eyayizowudlala neChippa United ngoDisemba nebizowudlala ne-Orlando Pirates ngoJanuwari.

Leli qembu liphinde lahluleka ukudlala umdlalo weNedbank Cup Last 32 neMilford FC. Njengamanje aseqhathiwe amaqembu azodlala kwiLast 16 kodwa akukacaci ukuthi kuzokwenzekani ngalo mdlalo.

I-Premier Soccer League (PSL) kumele icacise ukuthi kuzokwenzekani ngesimo efakwe kusona yiRoyal AM. Inkinga enkulu ukuthi imidlalo esiyidlalile kuzokwenzekani ngayo namaphuzu akhona.

Yonke into ethinta amabhizinisi kaMkhize ingaphansi kwabaqoqi bemali abathunywe yiSARS. Kuvela ukuthi uMkhize ukweleta iSARS imali elinganiselwa ku-R40 million.

Ngaphezu kwalokho uphinde akwelete uSamir Nurkovic imali elinganiselwa ku-R12 million. Konke lokhu akubukeki kuyinto ezodlula kalula kwiRoyal AM.