EzakamuvaIbhola

Kubuye inkinga ejwayelekile yokushoda ngenkece kwiSwallows 

Sekuvele imibiko yokuthi kubuye isifo esidala kwiMoroka Swallows sokungaholelwa kwabadlali.

NgoLwesithathu ntambama kusabalale amahemuhemu okuthi abadlali beZinyoni zaseDube abawatholile amaholo abo.

Ngokusho kuka-Andile Ncube, ongumethuli wezemidlalo kwiSABC, sekuphele izinyanga abadlali beSwallows bengaholi futhi kumuncu ekhempini.

Lena yinto engaqali kwiSwallows futhi seyenzeke kaningana phambilini. 

NgoJulayi ka-2023 iPremier Soccer League (PSL) ize yangenelela odabeni lokungaholi kwabadlali beSwallows. 

Inqumele leli qembu ugwayi katiki ukuthi likhokhe imiholo yabadlali zingakapheli izinsuku eziyishumi.

NgoMeyi ka-2022 bekuyisimo esifanayo esidlekeni seZinyoni. 

Ngaleso sikhathi kube kubi kakhulu ngoba abadlali baze bateleka, bangalubhada ejimini, befuna amaholo abo. 

ISwallows iyiqale kahle isizini ngaphansi komqeqeshi uSteve “Mphathi” Komphela.

Nokho muva nje izinga layo lehlile kakhulu, yazithola ilahla amaphuzu.

Emidlalweni emibili edlule yeDStv Premiership, ishaywe yiKaizer Chiefs ngo 1-0, kwathi i-Orlando Pirates yayixebula ngo 2-0. 

Kungenzeka ukuthi lokhu kuyimiphumela yokuthi abadlali abajabulile ngenxa yokungawatholi amaholo abo. 

Kubi kakhulu lokhu njengoba sekusondele uKhisimusi.